UMASIPALA weTheku uqinisekise abantu abafuna ukuya emabhishi ukuthi aphephile amanzi akhona njengoba ehlolwe esikhungweni esizimele kanjalo nakwesikamasipala.
UNkk Gugu Sisilana okhulumela uMasipala weTheku, uthe umasipala usebenzisana nezikhungo ezizimele ukuqinisekisa ukuphepha kwamanzi asemabhishi aleli dolobha.
Muva nje amanzi ahlolwe yi-Institute for Water and Wastewater Technology yaseDurban University of Technology.
Uveze ukuthi amanzi ahlolwa njalo ngoba isimo sawo siyashintsha ngenxa yezimo zemvelo okubalwa kuzo izimvula ezina ngamandla, ezigcina zigugulela ukungcola olwandle.
Njengamanje awu-23 amabhishi aseThekwini avuliwe ukuba umphakathi ubhukude kuwo.
Imiphumela yokuhlolwa kwamanzi asebhishi izoshicilelwa kanye ngesonto, izobuye inamekwe nasemabhishi ukuze umphakathi uzibonele yona.
Kucelwe abantu ukuthi bangawacekeli phansi amabhodi okunamekwe kuwo imiphumela yokuhlolwa kwamanzi.
UNkk Sisilana uthe uma ithimba labo libona ukuthi kukhona okungahambi kahle emanzini lisheshe luyobheka ukuthi ukungcola kuvela kuphi bese kuthunyelwa amathimba azolungisa leso simo.
Uphethe ngokuthi kuhamba kuhambe amabhishi angcole ngenxa yokuthi mningi umsebenzi owenziwayo ukulungisa ingqalasizinda eyacekelwa phansi yizikhukhula zango-Ephreli ka-2022.
Yize kunjalo kodwa uthembise ukuthi umasipala ukubeke phambili ukuphepha kwabantu yingakho eye avale amabhishi uma ethola ukuthi amanzi awekho esimweni esifanele. Abuye avulwe uma ososayensi sebehlolile bathola ukuthi aphephile.