UBONGA akaphezi ngokwesekwa ngamalungu omphakathi, owesilisa ochonywe uphaphe ngokusebenzela umphakathi.
UMnuz Phakamani Ndlovu (34), waKwaNgcolosi, uchonywe uphaphe yiNational Youth Development Agency (NYDA) ngokuba ngomunye wabantu abasha abazikhandlayo nabasiza abanye, ababizwa ngamavulandlela ka-2022.
UNdlovu ungumsunguli wePhakamani Empowerment, okuyinhlangano efundisa abantu abasha ngokuziphatha nezinto okumele bazenze ukuze bazivikele izifweni ezinjengeHIV, isifo sofuba nezinye. UNdlovu wamukeliswe isitifiketi esihambisana noR10 000.
Bangu-14 abantu abasha bakuleli abahlonishiwe yiNYDA, ngamagalelo abo nangeqhaza labo ekufukuleni abantu abasha emiphakathini.
Ngokombhalo oshicilelwe kwiwebsite yeNYDA, nonyaka kunconywa ukuzikhandla kwabantu abasha abakwazile ukwenza umsebenzi wabo ngaphansi kwesimo esinzima njengoba bekuhlasele, iCovid-19. Umbhalo udalula ukuthi abachonywe uphaphe yilabo ababambe iqhaza kwezemfundo, kwezesayensi, kwezamabhizinisi, ababeka engcupheni impilo yabo besiza abanye, abavula amathuba omsebenzi nabasiza umphakathi nokunye.
UNdlovu utuswa ngokusebenza nabantu abasha ebafundisa futhi ebaluleka ngokuziphatha kahle nangokuzivikela ezifweni zocansi nezinye ezithathelanayo.
Ngesikhathi kungavumelekile ukuhlangana kwabantu ngenxa yomvalelandlini, uNdlovu ubesebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuze athintane nabantu abasha. Kuthe uma kuvuleka, waqhubeka nemikhankaso yokufundisa neyokugqugquzela ukusoka kwabesilisa nokuziphatha kahle kwabantu abasha.
"Ngiqale ngo-2007 ukusebenzela umphakathi ngingabheke nzuzo kodwa inhlangano ngiyivule ngo-2017. Bengingazi ukuthi sonke lesi sikhathi kunabantu ababonayo ukuthi umsebenzi wami muhle futhi ubalulekile. Ngikubone ngoJuni ngesikhathi amalungu omphakathi ebhalela iNYDA esho ukuthi ngenzani.
“ Asizange singenele mncintiswano kodwa amalungu omphakathi abhalile echaza ukuthi kungani kumele ungene ohlwini labantu okumele kuthiwe bayibekile induku ebandla. Nami ngibe ngomunye okuthe uma sekucutshungulisiswa kahle konke okubhalwe umphakathi kwabonakala ukuthi ngifanele ukuchonywa uphaphe. Kuleli sonto (ngoLwesibili) ihhovisi laseThekwini, lingibizile ukuze nginikezwe umklomelo wami. Kuyangikhuthaza ukuthi ngithole ukubongwa ngale ndlela. Kusukela manje ngizoqhubeka ngisebenze kakhulu kunakuqala," kuchaza uNdlovu.