SIDILIZIWE esikhundleni sokusebenzisana nabameli bebandla isethenjwa soNyazilwezulu, uMnuz Lizwi Ncwane, sisolwa ngokuthatha izigidi zomholi emthembisa ukuthi uzocubuza amagabade ukuze kuphele icala.
Isolezwe ngeSonto libike ngodaba lukaNcwane ngeledlule lapho kuvele khona ukuthi uMnuz Mduduze “Nyazilwezulu” Shembe, ufuna abuyise izigidi zakhe ebemnika zona ethembisa ukucubuza amagabadi emajajini ukuze kuphele icala.
NgeSonto kuthiwa kube nomhlangano oshubile eBuhleni, obekubizwe kuwona noNcwane ezokwaziswa ngesinqumo esesithathwe wuNyazi nobuholi bebandla ngaye.
“Ufike watshelwa ukuthi usesusiwe esikhundleni sokuthi asebenzisane nabameli bebandla. Okukhalwe ngako kakhulu wukuvela kwakhe ephepheni (Isolezwe ngeSonto) ephika nemihlangano abebanjelwe yona. UNyazi lukhale ngokuthi usedlale ngalo kakhulu, alusamethembi. Uzamile naye ukuzikhalela ukuthi axolelwe, ebeka isizathu sokuthi wayeka ngisho nomsebenzi ngoba efuna ukugxila ezintweni zebandla, ukuze azisebenze ngendlela.
“Nalokho akuzange kusamukeleka, kwathiwa angabe esathinta lutho lwebandla. Ngaso leso sikhathi kuphinde kwamenyezelwa inhlalisuthi engummeli ukuthi yiyona esizosebenzisana nabameli boNyazi. UNcwane ukhihle isililo echithwa emisebenzini yebandla,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uze waveza nokuthi uNcwane uxoshwe ngisho ebandleni ukuthi angaphinde azihlanganise nalo.
Ethintwa uNcwane ngalezi zindaba uphendule kafushane, wathi: “Izindaba enizitholayo azisilo iqiniso. Ake nizame ukuthola lona. Lokhu ongibuza ngakho kungamampunge wodwa,” kusho yena.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe ukuqinisekisile ukuthi uNcwane usesusiwe esikhundleni sokusebenza nabameli bebandla.
“Engingakuphika wukuthi uxoshiwe ebandleni, usekhona. Nokuthi sekufakwe omunye ummeli ozobambisana nabameli bebandla, kuyiqiniso. Yize ephumile kanje kodwa kukhona okuhle ake wakwenzela ibandla njengokubambezeleka kwecala lingasheshe liphele njengoba likwaze ukudonsa isikhathi eside kangaka. Iphutha lakhe kube wukuthi abantu ubengabatsheli iqiniso ngecala njengoba ebehlala ethi siyawina, kube kungenjalo.
“Ubeke atshele nabantu ukuthi icala seliphelile. Bamangale uma sebebona kuvela emithonjeni yabezindaba ukuthi lisaqhubeka. Yena bekumele abe neqiniso ngesimo secala, kodwa ame ekutheni noma kunjalo thina sihamba neNkosi uNyazi. Lokho bekungeke kumveze njengomuntu okhohlisa ibandla neNkosi uNyazi,” kusho uMncwabe.