ZISOLA ukuthi ayadembesela amaphoyisa izihlobo zabane abadutshulwa, babulawa emshadweni ngo-Ephreli nonyaka, eMzunga, eNdwedwe.
Kuleso sigameko esenzeka ngo-Ephreli 21, kwashona uMnuz Msawenkosi Gcabashe, Saziso Gcabashe, Veli Gcabashe noBhekisisa Gcabashe owashonela emtholampilo.
Ngokusho komthombo osondelene nodaba, ocele ukungadalulwa, uveze ukuthi kukhona isibhamu esawa kubasolwa endaweni yesigameko, sacoshwa yisihlobo esaziwayo.
Uthe isihlobo sagoduka naso, kwathi ngo-Ephreli 28, bezwa kuthiwa kufike abantu abaziwayo endaweni, bazosifuna, bethi umnikazi waso uyingozi.
“Lolu lwazi saluyisa emaphoyiseni. Uma sizwa, kuthiwa ahamba ayosilanda kodwa awangabopha muntu,” kusho umthombo.
Udalule ukuthi umndeni awuhlalisekile kahle ngalokhu okwenzekayo kangangokuthi abakubo kaMusawenkosi, njengoba abafi babehlukene ngezindlu, sebevele bathutha endaweni.
“Bazizwa bengaphephile, ikakhulukazi ngoba kuwuye okusolakala ukuthi wayefuneka. Esingakuqondi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi amaphoyisa anikezwe lonke ulwazi kodwa kungabi bikho lutho alwenzayo ngalo,” kusho umthombo.
Uqhube wathi bona ababekulindele ukuthi amaphoyisa aqale ngokubopha isihlobo esathatha isibhamu endaweni yesigameko.
“Bese elandela ngalaba abeza bazosithatha esihlotsheni besabisa ngokuthi umnikazi waso uyingozi. Lowo mkhondo wawuzohamba uze uyofika kubasolwa abadubula abafi,” kusho umthombo.
Uthe bafisa kungenelele izikhulu eziphezulu zamaphoyisa kulolu daba ngoba bayabufuna ubulungiswa.
Ngosuku lwesigameko kwakushada uNksz Phumzile Gcabashe waKwaCibane, noMnuz Msizi Shangase waseMzunga.
Isigameko senzeka ezintatha kuzoba nodwendwe, kade kunomshado omhlophe ngayizolo. Abafi bahlaselwa kwamkhwenyana, endlini okwakulaliswe kuyo abakubo kamakoti.
Kuthiwa abahlaseli bangena baqonda ngqo kuMsawenkosi, bamdubula. Kuvela ukuthi abanye abagcina bedutshulwa nabo befa, ababezama ukungenelela.
Umthombo uthe basola ukuthi abahlaseli babesuka esigodini saKwaCibane, bakholwa ukuthi ulwazi babelupotshozelwa omunye owayekhona kule ndlu okwenzeka kuyo isigameko.