UZONIKEZELA ngosizo lwegilosa yokudla zinyanga zonke emndenini kaSenzo Meyiwa, uyise kaLongwe Twala ongomunye wababesendlini ngesikhathi kubulawa uSenzo.
Lokhu kuvezwe wumthombo weSolezweodalule ukuthi uChicco Twala uzibophezele ngalokhu kade ehambele umndeni wakwaMeyiwa eMlaza, ngoMgqibelo odlule.
Umthombo uqhube wathi uChicco ushiye nemali engadalulwanga kulo mndeni. Kuthiwa uChicco uphinde wazibophezela ekutheni nguyena osezobhekelela zonke izindleko zalo mndeni ezazibhekelelwa nguMeyiwa.
Umthombo uveze nokuthi unina kaMeyiwa, uNkk Ntombifuthi Meyiwa, uhlela ukubiza umhlangano womndeni ukuze babhunge ngokuvakashelwa nguChicco.
“Unina kaSenzo uhlala nodadewabo kaSenzo nengane kaSenzo. Akekho umuntu obheke lo mndeni ngezidingo manje. Umbuzo uthi kungani uChicco ekhethe ukuthi azobona unina kaSenzo manje emva kweminyaka eminingi uSenzo ashona?” kubuza umthombo.
Imizamo yokuthola uChicco izolo ukuphawula ngalokhu ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belukhala bese kuzwakala umyalelo wokushiya umyalezo. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engabuyelanga entathelini, yize ebeshiyelwe umqhafazo.
Ekhuluma nabezindaba esiteshini sethelevishini esikhokhelwayo, uChicco uveze ukuthi isizathu esidale ukuthi kumthathe iminyaka ukuba avakashele umndeni kaMeyiwa wukuthi ubefuna ukuthi abakwaMeyiwa baqale baphole amanxeba ngaphambi kokuyobabona.
Ubalule ukuthi ubexhumana nabo ngezingcingo futhi embhalela nezincwadi unina kaMeyiwa.
Uthe akasisona isitha nabakwaMeyiwa futhi uhambo lwakhe lokuvakashela unina kaMeyiwa ubelwenza njengomzali komunye umzali.
“Uma indodana yami yambulala ngempela uSenzo, ngisho inganikezwa odilikajele angeke ngibe nankinga naleso sinqumo,’’ usho kanjena esiteshini sethelevishini.
Ugcizelele nokuthi unina kaMeyiwa udinga usizo kuwona wonke umuntu ongalekelela.
“Ngesikhathi ngiqhamuka, zivele zazehlela izinyembezi kunina kaSenzo. Iqiniso wukuthi kasizona izitha futhi uyazi ukuthi mina anginacala. Akusiyimi owabulala uSenzo,’’ usho kanjena.
Ephawula ngezinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi uMeyiwa wabulawa ngomunye walabo ababesendlini, uChicco uthe: “Angeke ngazi ngalokho ngoba ngangingekho lapho. Asingaqageli ukuthi kwenzekani, masiyekele abomthetho kube yibo abasingatha udaba.’’
Ugcizelele ukuthi ngeke aze abavikele abantu ababesendlini, waveza nokuthi unesiqiniseko sokuthi indodana yakhe nalabo ababesendlini basazonikezwa ithuba lokuthi baziphendulele enkantolo.
“Kumele aye (esho indodana yakhe) enkantolo atshele abantu ukuthi kwenzekani. NoKelly uyazi ukuthi kwenzekani, empeleni bonke ababesendlini bayazi ukuthi ngubani owadubula uSenzo. Kufanele basitshele,’’ echaza.
Uthe angeke aze asho ukuthi ngubani ungqondongqondo ekubulaweni kukaSenzo kodwa ukube ngoyedwa owayesendlini ngabe kade akhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
UNksz Nomalanga Meyiwa, udadewabo kaSenzo, ephawula kafishane kwabezindaba ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala izolo, mayelana nokufika kukaChicco eMlaza, ukuqinisekisile ukuthi ufikile kodwa wathi akathandi ukunaba kabanzi ngakho ngoba ubengekho futhi yinto abafisa ukuyigcina kubona bewumndeni.