UCHAZWE njengesilwane esesabekayo futhi esingenandaba nomthetho namalungelo abantu, owesilisa obhekene necala lokungqongqisa ngopharafini unina wengane yakhe.
UKhumbulani Comfort Mngoma (34) ulahlwe ngamacala amane okungelokubulala okuhleliwe uNkk Mbalenhle Angela Dlamini namabili okushaya ngenhloso yokulimaza nelokusabisa.
IJaji uZP Nkosi weNkantolo eNkulu yaseThekwini umlahle ngawo womane amacala waphinde wachitha nobufakazi bakhe wathi bebunamaphutha amaningi.
Kulindeleke ukuthi namuhla ekuseni uNkosi akhiphe isigwebo esilindelwe ngabomvu amalungu omndeni kamufi abekade esenkantolo.
Ngesikhathi uMshushisi u-Adv Nadira Moosa enza izethulo zokugcina ezindlalela ukuwiswa kwesigwebo uchaze uMngoma njengomuntu oyisilwane esesabekayo.
“UMngoma ufanelwe yisigwebo esinzima sikadilikajele futhi umphakathi ungaphila kangcono uma engase ahlaliswe isikhathi eside ejele. Umufi ubephila impilo ebuhlungu yokuhlukunyezwa yile ndoda engenandaba nomthetho,’’ kuchaza umshushisi.
Kuvele ukuthi ngo-2007 uMngoma walahlwa yicala lokushaya ngenhloso yokulimaza wakhokha inhlawulo esinye isigwebo salengiswa.
Enkantolo kuvele nokuthi le ndoda ibikade ingaphandle ngoshwele onikwa iziboshwa ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza.
Ngo-2010 wagwetshwa iminyaka engu-15 wase ededelwa ngo-2017 okuwunyaka athandana ngawo nomufi.
Ngonyaka olandelayo uMngoma wabuyiselwa ejele ngemva kokuphula imigomo kashwele ngesikhathi exabana namalungu omndeni wakhe kubangwa umuzi.
Waphuma emva kwezinyanga ezimbalwa kwase kuqala izinkinga othandweni lwakhe ngo-2020.
Kuthiwa wase ephendule umufi nendodana yakhe (umufi) eyayineminyaka eyisishiyagalombili ukudla kwenduku.
Ummeli kaMngoma, uMnuz Thiagaraj Prem Pillay ucelele le ndoda ukuba ishaywe ngoswazi oluncane ngoba yayikade idle amanzi amponjwana ngesikhathi kwenzeka isigameko.
Ucele ijaji ukuthi kumele likubeke emqondweni ukuthi uMngoma usehlale ejele unyaka nezinyanga ezine. UMbuso ukuchithile lokhu wathi akwenzi mehluko ngoba uvele usejele uMngoma. Ijaji lamukele elithe ubufakazi obethulwa yindodana kamufi lathi buthembekile futhi buqotho.
Kuthiwa uMngoma wabhunyela umufi ngopharafini ekhanda esehlakalweni esenzeka e-Oakland, eMariannhill, ngoNovemba 2021.
Kuthiwa ngesikhathi umufi esexhoshwa upharafini wabaleka, esuka egunjini lokuphumula eya kwelokulala, eyofuna into ayezozisula ngayo.
Kuthiwa ngaleso sikhathi uMngoma wasale wokhela uthi lukamentshisi walulahla phansi, lapho okwakukade kuconsa khona upharafini, umlilo wokheleka ulandela umufi.
Ekugcineni kubikwa ukuthi uMngoma waqhwiza uthi olulodwa lukamentshisi wase elujikijela kuyena umufi emzimbeni, wavele wavutha.