UMENGAMELI wakuleli uthi abantu ake bamnike isikhathi aphefumule futhi adle amathambo engqondo mayelana nokushintsha iKhabhinethi yakhe.
URamaphosa ubekhuluma nabezindaba izolo emva kokuphothulwa kwengxenye yesibili yengqungquthela ye-ANC. Ubeyodlala igalofu nosomabhizinisi eBloemfontein Golf Club.
‘’Ngiyazi indaba yeKhabhinethi yiyona eseqhulwini ezingqondweni zabezindaba. “Nginikeni isikhathi...pholani nithole nenkomishi yekhofi, nibheke ukuthi kuzokwenzakani.
“Ukuthi nini ngeke ngisho kodwa ngisadla amathambo engqondo,’’ usho kanje.
Lolu suku beluyingxenye yemizamo ye-ANC yokuqokelela imali, kwazise kwembulwa kuyambeswa kwezezimali kuKhongolose.
Kuvele ukuthi kukhona osomabhizinisi abahlukane noR350 000 ukuze badlale igalofu eceleni kukaRamaphosa, bakwazi nokuzixoxela naye.