KUBOSHWE abantu abane emijondolo yaseChicken Farm, ngasePimville, eGoli, ngokusa kwanamhlanje kulandela ukwanda kwezigameko zobugebengu kule ndawo.
Amaphoyisa aphume umkhankaso wokukhuculula ubugebengu kule ndawo, nokuyilapho abophe khona laba basolwa.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uLieutinant General u-Elias Mawela, uthi kwababoshiwe, abathathu batholakale namakhebuli kagesi okwebiwa kanti oyedwa utholakale nemoto eyebiwe nezidakamizwa zohlobo lweMandrax.
EChicken Farm kuyilapho okwabulawa khona ilungu le-Operation Dudula, uKgomotso Diale. UDiale namalungu enhlangano yakhe bahlaselwa ngabantu abathathu bebadubula ngesikhathi befike kule ndawo ukuzokhuculula kulandela imibiko ebithi kunezigebengu ezeba amakhebuli kagesi kule ndawo.
Kwenzeka konke lokhu, besekuphele amasonto amabili umphakathi ukhala ngokungabi nawo ugesi.
Namhlanje uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele neMeya yaseGoli, uMpho Phalatse, bahlanganyele nomphakathi wasePimville. Bathi bazozizwela ngokwabo izikhalazo zomphakathi futhi bathule izinhlelo zabo zokulwa nobugebengu obubonakala budlangile.
“Abantu bakhathazekile ngokwanda kobugebengu kule ndawo, abantu bathi bayagqekezelwa ebusuku, kubhodlozwa imijondolo yabo, bakhuthuzwe. Kunombiko othi kunengane eneminyaka eyisishiyagalolunye eshaywe yinhlamvu ephaphalazile,” kusho uPhalatse.
Uthi konke lokhu kuyinkinga kule ndawo, kodwa okunye abokwenza namhlanje njengomasipala, ukuqhuba uhlelo lokusikelwa kwabantu indawo.
“Uphiko lwezokuhlaliswa kwabantu lunohlelo lokususa abantu kule mijondolo libasikele izindawo. Ngikhulumile nomphathi walo mnyango kumasipala namuhla ekuseni, waveza ukuthi sebebhalisile e-Eskom naseRandwater okusho ukuthi abantu bakule ndawo bazozithola lezi zinsiza maduze,” kuqhubeka uPhalatse.
[ON AIR] "I'm ashamed of you," a resident tells Police Minister Bheki Cele at Pimville Community Hall.
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) April 28, 2022
Cele is engaging community members on crime and policing concerns at a street imbizo. #Newzroom405
Tune into DSTV channel 405 for the live visuals. pic.twitter.com/7JEpTlu3AK