UNGQONGQOSHE wamaphoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele, uthe amaphoyisa ayazivakashela izikole eyoxwayisa abafundi ngezikhali eziyingozi, ukuchukuluzana kwabafundi kanjalo neyezidakamizwa.
UCele uthe lo mkhankaso bawenza ngokuhlanganyela noMnyango weMfundo eyisiSekelo nowezokuThuthukiswa koMphakathi.
Uthe amaphoyisa ayingxenye yethimba eligqugquzela ukuvikelwa kwezingane baphinde bazicebise ngokuthi zingabika kuphi ubugebengu.
“Ziningi nezihloko okuxoxwa ngazo uma sihambele izikole. Sikhuluma ngokuhlukunyezwa kwezingane, ukuchukuluzana, ukukhulelwa kwabafundi kanjalo neyezidakamizwa.”
Ukusho lokhu ephendula umbuzo welungu le-ANC ePhalamende, uNksz Patricia Peacock, obuze ukuthi ikuphi okwenziwa amaphoyisa neminyango ehlukene ukufundisa izingane ngokuzivikela ebugebengwini? Lokhu kulandela ukukhishwa kombiko oveza ukuthi bangu-10 512 abantu abadlwengulwa ezinyangeni ezintathu zokuqala kwalo nyaka.
Uthe amacala angu-4 768 okudlwengula enzeke emizini yabagilwa, kwesinye isikhathi, kukhona nezingane.
UCele uthe ngaso sonke isikhathi kumele kuvikelwe amalungelo ezingane.
“Amaphoyisa aseka yonke imikhankaso yokuvikelwa kwezikole. Izikole yizindawo okumele zingabi nezikhali eziyingozi,” kusho uCele.
Uthe kunamaphoyisa eziteshini okuyiwo ahola imikhankaso yezokuphepha ezikoleni.
“Izinhlelo esizenzayo zihambisana nokuthi leso sikole noma leyo ndawo igajwe iziphi izinkinga. Uma inkinga kuyinkinga yemigulukudu sigxila kulezo zinhlelo zokuqeda ngemigulukudu. Kanjalo noma uma kuyinkinga yokuchukuluzana kwabafundi abalwa njalo, sigxila kulokho.”
Indaba yezokuphepha ezikoleni ihlale ikhathaza othisha abakhala ngokuthi kwezinye zezikole kabaphephile.
Labo thisha bakhala ngokuhlaselwa izigebengu ezifike zibambe inkunzi, zibaphuce impahla yabo.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, wathi abakwazi ukuqasha onogada kuzona zonke izikole ngenxa yemali, wathi basebenzisana namaphoyisa ukuze azulazule eduzane nezikole aqaphe isimo.
UNkk Motshekga wathi zonke izikole kumele zibe nokuxhumana neziteshi zamaphoyisa eziseduzane ukuze kuliwe nenkinga yobugebengu ezikoleni.