UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, namuhla ubuyela elokishini laseFinetown, kulandela isigameko sokubulawa kwabantu abayisikhombisa ngenyanga endlule.
Ngesikhathi efika ngo-Okthoba 31, kulandela lesi sigameko, uthole umphakathi udinwe ugane unwabu ngokuthi ufika njalo uma sekuchitheke igazi, akakwazi ukufinyelela emphakathini ngesikhathi uhlaba umkhosi.
“Kungani ufika njalo usuzoqoqa izidumbu, ngoba awukaze ufike kule ndawo ungekho umonakalo owenzekile? Ufika njalo ngoba sekonakele,” kwasho ilungu lomphakathi ngaphambi kokuba ungqongqoshe akhulume nomphakathi ngesehlakalo.
Imibiko eyayivela endaweni yesigameko yaveza ukuthi kufike amadoda amane avulela ngenhlamvu ebhekise kubantu abadayisa emgwaqweni.
Namuhla uCele ufike nezinye izikhulu zamaphoyisa akulesi sifundazwe nabophiko lwezokuphepha nokuvikeleka komphakathi eGauteng, ngenhloso yokuxhumana nomphakathi kuhlahlwe indlela eya phambili ngokulwa nobugebengu kule ndawo