UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Celi uhambele ekhaya lomfana oneminyaka emihlanu owadutshulwa wabulawa ngoLwesihlanu kudunwa imoto kayise.
UCele uhlanganyele nalo mndeni ukuzobabaza isiga esehlele lo mndeni kubulawa uDitebogo Phalane.
Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi owesilisa efika emzini wakhe ehamba ngeveni elihlophe leToyota. Bekungezithuba zika-10.30pm ngesikhathi efika ekhaya wahlangantshezwa yindodana yakhe esencane. Lo mlisa ungena ekhaya nje uphelezelwa yizigebengu ezimuvimbezele zizama ukuthatha imoto yakhe.
Kuzwakale kuduma izulu lezandla ngesikhathi kuthathwa le moto nokuyilapho okubonakale khona ukuthi kudubuleke le ngane, ephuthunyiswe esibhedlela kodwa ngeshwa yafike yaphelela khona.
Ukubulawa kukaDitebogo ngalesi sihluku kuthuse kakhulu amalungu omphakathi waseSoshanguve nasePitoli yonkana asehlalele ovalweni ngenxa yokwanda kwezigameko zobugebengu obunodlame.
UCele uvakashele lomndeni ehambisana noKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uGeneral Fannie Masemola nabanye abaholi basesiphiyiseni.
Kulolu hambo, amaphoyisa azokwethula umbiko ophelele ngezigameko zobugebengu, kuxhunyanwe nomphakathi ukuze kucutshungulwe izindlela ezingasiza ukulwa nobugebengu obunodlame.