OBEYIKHANSELA le-ANC eThekwini, owaboshelwa icala lokusoconga uzakwabo, kulindeleke ukuthi afake isicelo esisha sebheyili.
UMnuz Mzimuni “Mzi” Ngiba (46), ogqunywe ejele Ebongweni, eKokstad, uvele nabamangalelwa abane eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.
UMshushi u-Advocate Lawrence Gcaba utshele uJaji Peter Olsen ukuthi uNgiba nabanye abamangalelwa abathathu bahlela ukufaka isicelo esisha sebheyili.
Kuzokhumbuleka ukuthi maphakathi nonyaka u-2022, okwaboshwa ngawo uNgiba, inkantolo yabanqabela ibheyili laba bamangalelwa.
Manje uNgiba benoMnuz Nkosinathi Ngcobo (38), Sandile Mzizi (40) noSifiso Mlondo (37) kuthiwa bahlele ukuletha enkantolo ubufakazi namaphuzu amasha abazogadla ngawo.
Ummangalelwa wesihlanu uMnuz Phathesakhe Ngiba (25), akushiwongo lutho ngaye.
UGcaba ucele ijaji ligunyaze ukuthi isicelo esisha sebheyili lisibuyisele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, siyolalelwa yimantshi eyayisingethe icala, uma ingekho kutholwe enye.
Nebala u-Olsen ukugunyazile lokhu wabe esethi icala lizobuyela enkantolo akuyona ngo-Okthoba 2 futhi uyethemba ukuthi kuyobe sekuphothuliwe ngebheyili entsha.
Phabilini le nkantolo yakubekela u-Ephreli 18, 2024 ukuqala kokuqulwa kwaleli cala eselidonse amehlo abantu abaningi.
UGcaba uthe bazoya kofongqa isigqoko emantshini eyanqabela oNgiba ibheyili, bezwe kuyona ukuthi yisiphi isikhathi engatholakala ngaso ukuze ilalele lesi sicelo kabusha.
UNgiba naboshwe nabo basolwa ngokudubula babulale uMnuz Siyabonga Mkhize owanqoba ukhetho engasekho nelungu le-ANC, uMnuz Mzukisi Nyanga, eCato Crest eMayville, ngesikhathi abafi bekhankasa ngaphambi kokhetho lwango-2021.
Phambilini kwachithwa nesicelo esafakwa nguNgiba ukuthi abuyiselwe ejele laseWesteville, ebalisa ngokuthi agqunywe kulona manje likude nekhaya lakhe.
UNgiba wathi ummeli nomndeni wakhe bafinyelela kanzima uma bezombona kodwa imantshi yathi ayinawo amandla okuguqula lesi simo. Kuvela ukuthi uNgiba wayiswa Ebongweni emuva kokutholakala nefoni esitokisini.