UMNDENI wowesilisa waseChestervillle obulawe ngokudutshulwa ngoMgqibelo uthi uyaseshwama isehlakalo esifana nokwenzeke kuwona endaweni.
UMnuz Nkululeko Sikhakhane (46) wasendaweni, ngakuRoad 5 kuthiwa uhlaselwe ngamadoda amane angaziwa ekubo.
Uyise kamufi, uMnuz Mthuthuzeli Sikhakhane uthi bathole ukuthi umufi nabanye besifazane abathathu, abangabangani bakamufi bahlaselwe ngamadoda okuthiwa afike endaweni yesigameko ehamba ngezinyawo.
Uthe umufi nabesifazane ababili bebengaphakathi endlini ngesikhathi kugasela abasolwa. Owesifazane wesithathu yena ubehleli emotweni yakhe emnyango.
“Lona wesithathu bamkhiphe khona emotweni ngesibhamu, bamqhuba bamfaka endlini. Bathe sebengaphakathi babaqoqa bobane babafaka ekamelweni elilodwa,” kusho uSikhakhane.
Uthi ngesikhathi sebebavalele ngaphakathi, bafune ngodli amaselula, amakhadi asebhange nezinombolo eziyimfihlo zamakhadi.
“Kuthiwa uNkululeko unqabile yena nokwakhe, okuyilapho bevele bamdubula khona,” kusho uSikhakhane.
Uveze ukuthi abasolwa babaleke ngemoto yowesifazane abamfice emnyango.
Uthi ibuye yatholakala imoto ngosizo lwe-tracker.
Uthi umufi uphuthunyiswe esibhedlela eKing Edward kodwa washona ngesikhathi efika khona.
“Asiyazi thina into enje. Sihlale sizwa ukuthi iyenzeka kwezinye izindawo, besingakaze siyibonele eduze,” kusho uSikhakhane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala usiqinisekisile isigameko, wathi amaphoyisa aseCato Manor aphenya icala lokuphanga nelokubulala.