KUBOSHWE indoda esolwa ngokunquma umakhelwane kade kubangwa ukunqamula egcekeni, isidumbu sakhe kuthiwa sitholwe abazingeli siphonswe emfuleni ngoMsombuluko, esigamekweni esenzeke eBethany, eBergville ngempelasonto.
Umsolwa oneminyaka engu-22 uvele eNkantolo yeMantshi yaseBergville ngoLwesithathu. Eboshwa, kuthiwa ucele ikhansela limhambise emaphoyiseni, esaba ulaka lomphakathi kwazise bese zikhona izinsolo zokuthi uyazi ngokufa kukaNksz Karabo Kubheka (21), okuvela ukuthi ubegcine ukubonwa ngoMgqibelo. Isidumbu sakhe kuthiwa sitholwe sintanta emfuleni iNconcosi ngabafana abebezingela.
Ngokulandisa kukaMnuz Themba ‘Tiza’ Khoza oyikhansela elihambise umsolwa emaphoyiseni, uthole umbiko ovela kubo kamsolwa obuthi ufisa amphelezele amyise emaphoyiseni, walandisa ngakho konke akwenzile.
“Uthe entathakusa ngeSonto ubephuma endaweni yokucima ukoma ngesikhathi enqamula egcekeni lakubo kamgilwa. Umgilwa akathandanga baxabana embuza ukuthi unqamulelani egcekeni lakubo ngabo-2 ekuseni kangaka, uzothakatha yini, okuyinto emdinile umsolwa waqonda kubo wayolanda ummese. Ebuya, uhlangane nomgilwa ebuyela esitolo lapho ebephuza khona, njengoba naye kuthiwa ubeziphuzela kwenye indawo, wamfukula wehlela naye ngasemfuleni okuyilapho afike wamgwaza khona wazama nokumnquma, isidumbu sakhe wasiphonsa emfuleni,” kulandisa ikhansela.
Lithe bekungakabikho okusolisayo ngokunyamalala komgilwa kwaze kwaba isidumbu sakhe sitholwa abafana, kwaqala kwasoleka ukuthi kungenzeka ukuthi uyazi ngokunyamalala kwakhe.
UKhoza uthe ngokuqonda ububi besigameko, usukumele phezulu ukuqinisekisa ukuthi umsolwa uyamhambisa yena mathupha, kanti uveze ukuthi izigameko zobugebengu ziyinto esiqala ukwanda kule ndawo.
Imizamo yokuthola umndeni kamgilwa ayiphumelelanga njengoba kuvele ukuthi uhlala nesalukazi esinguninakhulu kanti abakubo bakwenye indawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-22 ngecala lokubulala, kanti uvele enkantolo ngoLwesithathu.