UTHOLWE eshonile esitokisini, esiteshini samaphoyisa eBhekithemba, eMlaza obesolwa ngokubulala ngesihluku unina wengane yakhe enezinyanga eziyisikhombisa, oboshwe ngesonto eledlule okukholakala ukuthi uzilengisile.
Isidumbu sikaMnuz Sboniso Chamane (27) waseMlaza Kwa-H, sitholwe ngoMgqibelo emva kosuku zimkhalele, ubefunwa amaphoyisa ngecala lokubulala uNksz Simangele Dlamini (23) obeyisinqandamathe sakhe okuthiwa bese simala, esigamekweni esenzeke emasontweni amabili edlule.
Kwi- akhawunti ku-Facebook okukholakala ukuthi eyakhe enegama lika-Sboniso Sbo, bese enamathelise umbhalo esola abamgxeka ngokubulala umufi ngokuthanda ukungena izinto ekubeni bengazi ukuthi kuqalephi, esonga ngokuzibulala.
Kubhalwe kanje:
“Ingane besihlala nayo sithandana kamnandi inkinga besihlushwa umndeni wakhe uthanda ukungena izindaba zethu. Bamfide wafideka naye, bengimthanda futhi namanje ngisamthanda ukuthi nje kwenzeka ngendlela engingayiqondi ngiyazisola manje. Ngizozibulala maduze nami ngimlandele bese ninameka kule nkundla, lindani-ke nizozwa khona nizojabula.” kubhalwe kanje
Ngokusho komthombo weSolezwe, umsolwa uboshwe ebhace ekhabonina KwaMaphumulo.
Unina kaSimangele, uNksz Duduzile Dlamini elandisa, uthe umsolwa nomgilwa bebehlala ndawonye kubo kamsolwa, okuthe uma indodakazi yakhe inquma ukubuyela ekhaya, isoka layo lagana unwabu.
“Ungifake ezindlekweni engingazi ukuthi ngiyophuma kanjani kuzona. Ngengane yami iyinhle kanje. Kuyimanje isesemakhazeni kufanele ngabe ingcwatshwe ngesonto eledlule, kodwa aginayo nemali yokungcwaba Ngethembele emalini efakwa esosweni ukuqongelela izindleko. Okungizwisa ubuhlungu kakhulu yingane ayishiyile ngoba ibisancela kunina, ngizoyithathaphi kwamali yobisi?” ebalisa.
Uthe umsolwa ubengaqali ukushaya indodakazi yakhe njengoba phambilini ike yangeniswa egunjini labagula kakhulu esibhedlela ilimele emva kokushaywa wuyena kanzima, kodwa kwathiwa imindeni ayixoxe okwagcina kungenzekanga. Uthe usola ukuthi umsolwa ubeyidlisile indodakazi yakhe ngoba beyingezwa mshini ngaye okuthe uma eyibuyisela ekhaya eyiphalazisa kwasa inkungu yamala, ibulawa nje bese kuphele amasonto amathathu yabuyela ekhaya,
Ikhansela lendawo uMnuz Mhlengi Shinga oveze ukuthi uyihambele yomibili imindeni eyobhonga emswanini, ukhale ngokwanda kwezigameko zokubulawa kwabesifazane bebulwa yizinqandamathe zabo.
“Okunye esibona ukuthi kuyimbangela yalezi zigameko, ukusetshenziswa kakhulu kotshwala. Lesi sigameko silamana eduze nesinye esifanayo esenzeke khona endaweni okutholakale ukuthi owesilisa wayephuze utshwala bezandla ngesikhathi enza isigameko. Sifisa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele aqinise umkhankaso wokuvalwa kwezindawo ezidayisa utshwala ngokungekho emthethweni,” kusho uShinga.
Imizamo yokuthola inombolo yelungu lomndeni kaChamane ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Okhuluma amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseBhekithemba avule idokodo lophenyo, emva lokuthi umsolwa obeboshelwe icala lokubulala etholwe eshonile esitokisini. Uthe imbangela yokufa kwakhe ayikaziwa okwamanje.