KUVUSELELWE uhlelo iVirtual Remand System (VRS) lokuba iziboshwa ezitokile futhi ezihlehliselwa amacala, zivele ezinkantolo kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje ekubeni zona zisaboshiwe.
UNkk Thembi Simelane onguNgqongqoshe wezobuLungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo ubeseNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesihlanu eyohlola ukusebenza kwalolu hlelo.
Ubephelezelwe yiphini lakhe uMnuz Andries Nel, iNhloko yamaJaji KwaZulu-Natal, uNkk Thoba Portia Poyo-Dlwati, aboMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kanye nowamaPhoyisa.
Luyavuselelwa lolu hlelo lokuba iziboshwa zixhumane nenkantolo kusetshenziswa ithelevishini kule nkantolo.
Umnyango uthe esikhathini esidlule inkantolo ibe nenkinga nezokuxhumana okwenze yasilela emuva ekusebenzeni kwalolu hlelo.
UNkk Simelane uze wahlala phansi enkantolo, walalela amanye amacala eziboshwa ebezivela kwithelevishini yenkantolo ekubeni zisejele eWestville.
Ubalule ukuthi uhlelo lusiza uma kuzohlehliswa namacala athinta ubugebengu eziboshwa ezitokile.
“Lusiza ekutheni kungabi khona ukweqa kweziboshwa uma sezisezinkantolo noma zisendleleni eya khona noma zibuya khona. Lulekelela nasekutheni isiboshwa esisuke siye enkantolo singakwazi ukushushimbisa izikhali nezinto ezingavumelekile ukuba siziphathe uma sesisezitokisini,” kusho ungqongqoshe.
Luvele luyasebenza lolu hlelo kwezinye izinkantolo eziningi KwaZulu-Natal.
Kuvele ukuthi asengu-169 amacala alalelwe kusetshenziswa uhlelo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Le nkantolo neyasePinetown ngezinye zezinkantolo ezinomthamo omningi wamacala alalelwa ngosuku.
Kuvele nokuthi abanye ofakazi abebekwezinye izifundazwe nasemazweni omhlaba okubalwa kuwona i-United Kingdom, USA, Scotland naseZimbabwe bafakaze ngalolu hlelo.
Izinkantolo eziningi zaseThekwini neziseMgungundlovu zisebenzisa lolu hlelo.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu usanda kuveza ukuthi iTheku noMgungundlovu baqengqeleza phambili ngobugebengu.
Esinye isiboshwa esivela ngalolu hlelo enkantolo uMnuz Thabo Nzimande.
UNzimande uthweswe icala lokubulala wase eshumpula ikhanda likagogo, waligenda njengebhola lezinyawo ePinetown.
Icala likaNzimande lizobuyela eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoDisemba 2 nonyaka.