INHLANZI ishelwe amanzi kobefunelwa icala lokubulala umuntu eMzingazi, eRichards Bay, eboshwa yiphoyisa elimnike u-lift esebaleka eyobhaca.
Indoda eneminyaka engu-19 kulindeleke ukuthi ivele eNkantolo yeMantshi yaseRichards Bay ngoLwesihlanu.
Isolwa ngokugwaza ibulale uMnuz Khanya Mthembu ngeSonto. Ikhalelwe amasongo kaSigonyela ngoLwesithathu ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda elandisa uthe, ngoLwesithathu ebusuku amaphoyisa asophikweni iRichards Bay Crime Prevention alunywe indlebe ngendoda ebikade isemgwaqeni ifuna u-lift.
“Ubekade efuna u-lift eseMadlankala, eSikhaleni, efuna ukubaleka ayobhaca KwaNongoma. Kube sekuthunyelwa iphoyisa nemoto engabhaliwe lapho obekunomsolwa khona lafika lamnikeza u-lift,” kuchaza uNetshiunda.
Kuthiwa iphoyisa liyishaye yazula imoto laqonda egaraji lokwetha uphethroli, lapho elibe selixhumana namanye amaphoyisa lihlaba umkhosi, afika wase eyaboshwa umsolwa.
UNetshiunda uthe imininingwane esemaphoyiseni iveza ukuthi umsolwa nomgilwa babe nengxabano ethaveni.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi umgilwa esegoduka, ulandelwe umsolwa, ofike wamgwaza washona eduze kwenkundla yezemidlalo.