KUHLWE emini endodeni ebifunelwa amacala okubulala nawokuzama ukubulala eNewlands East, eThekwini, ngesikhathi iboshelwa elinye icala lokutholakala no-ova wamaphoyisa, izibhamu nenqwaba yezidakamizwa nezinhlamvu.
Kuthiwa ithimba lamaphoyisa nonogada ligasele emzini oseBluff, eThekwini, okuthe uma lisesha lavundulula izibhamu ezinhlanu, izinhlamvu ezingu-119, i-cocaine no-ova wamaphoyisa.
Kube sekuboshwa abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-16 nengu-23.
Babekwe amacala okutholakala nezidakamizwa, izibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Ngesikhathi amaphoyisa esesha le ndawo, kuvele ukuthi enye yala madoda ibikade ifunelwa icala lokubulala eNewlands East ngenyanga edlule.
Kuleso sigameko kwadutshulwa ngoyaba lezinhlamvu kwabulawa uNkk Patricia Simelane (55) nendodana yakhe uMnuz Spha Simelane (22).
Kwalimalala nelinye ilungu lalo mndeni eladubuleka nowesifazane elithandana naye.
Abagilwa badutshulwa kusadlule izinsuku ezintathu kade benze umsebenzi wokugeza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe oKlebe baphenya ngokuboshwa kwabasolwa abekade kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo.
UConst Ngcobo uthe ngoSepthemba 7 ngo-5.45 ntambama amaphoyisa abikelwa ngesigameko sokudubula esenzeka emgwaqweni uKantokel Avenue anikela khona.
Uthe afika atshelwa ukuthi amalungu amane omndeni ayesemotweni egcekeni ngesikhathi kuvumbuka amadoda amathathu angaziwa adubula ebhekise kuwona.
“Kwashona abantu ababili oneminyaka engu-22 nonengu-55 kwalimala nabanye ababili abaphuthunyiswa esibhedlela. Kwavulwa amacala okubulala nawokuzama ukubulala,” kusho uConst Ngcobo.