ZIMKHALELE ebhace eBhamshela owesilisa okuthiwa ugajwe yisikhwele wabulala unina wezingane zakhe ezimbili nowesilisa abesola ukuthi uthandana naye ezigamekweni ezehlukene ezenzeke eMthebeni, eNdwedwe, izolo ekuseni.
UNksz Thenjiwe Mgobhozi (34), ongunina wezingane zikamsolwa, noMnuz Simphiwe Ndlovu (36), okuthiwa ubemsola ngokujola noThenjiwe, bashonele endaweni yesehlakalo, ezigamekweni ezehlukene, behlaselwa ngumsolwa oneminyaka engu-44. Esigamekweni sokuqala ngesikhathi kudutshulwa uThenjiwe, kudubuleke unina nomzukulu wakhe oneminyaka eyisishiyagalombili, ongeniswe emtholampilo walashwa waphuma khona izolo njengoba edubuleke engalweni.
Unina kaNksz Mgobhozi yena udluliselwe esibhedlela enenxeba lokudutshulwa esifubeni.Ngesikhathi Isolezwelifika kwaNdlovu, litshelwe ngabebekhona ukuthi umsolwa ubanjwe ngamaphoyisa esebhace eBhamshela emva kokwenza lesi sigameko.
Kuthiwa uhambele le mizi eqhelelene ngekhilomitha elilodwa, ehamba ngemoto okuthe uma eqeda wabaleka ngayo. Kuthiwa ushayele ucingo umfowabo emazisa ukuthi ubhace kuphi, umfowabo wathinta amaphoyisa ngoba engahambisani nokuthiwa kwenziwe umsolwa, wabe useyaboshwa.
Unina kaNdlovu, uNksz Thandazile Ndlovu, obesabukeka ethukile futhi edangele, uthe umsolwa ufike ngoLwesibili ntambama efuna indodana yakhe.
“Ngaleso sikhathi uSimphiwe ubengekho, nalo mfana bengiqala ukumbona. Uthe angitshele indodana yami ihlukane nokujola nonina wezingane zakhe. Uphinde wabuya ekuseni wangqongqoza okuthe uma ngivula isicabha ngabona ukuthi nguyena. Ngizamile ukusivala, wakhipha isibhamu wadlulela lapho bekukhona umufi, wamdubula entanyeni waphuma wahamba,” kuchaza uNksz Ndlovu.
Umalokazana kamfowabo kaNksz Mgobhozi, uNksz Khosi Busani, elandisa ngokwenzekile ngesikhathi kudutshulwa udadewabo wasemzini, uninazala nengane yomfowabo, uthe ubekwelinye igumbi elungiselela izingane eziya esikoleni ngesikhathi ezwa kuqhuma okuthile.
“Ngiqale ngacabanga ukuthi kushayisana izintambo ezixhume i-ayina njengoba izingane bese zivukile zilungela ukuya esikoleni kodwa kuthe uma kuqhuma okwesithathu ngezwa kukhona omemezayo. Ngesikhathi ngiphuma, ngibone ubaba ka... (esho igama lenye yezingane zikamsolwa) ephethe isibhamu. Ngisathukile ngibone umama eqhamuka ngezansi ethi naye udubulekile, ebuza uThenjiwe,” usho kanje.
Uthe bangenile bazama ukumtholela usizo lwemoto ezomphuthumisa esibhedlela nabanye abebelimele ngoba babone sengathi usaphefumula kodwa kwacaca ukuthi usethule njengoba ubenamanxeba okudutshulwa ekhanda nasesifubeni. Kuthiwa umsolwa noNksz Mgobhozi banezingane zabafana ezimbili ezineminyaka engu-9 neng-11, nazo ebezikhona kwenzeka lesi sehlakalo.Uyise kaNksz Mgobhozi, uMnuz Njabulo Ntuli, uthe ufisa kwenzeke ubulungiswa umsolwa angayitholi ibheyili ngalesi senzo sakhe.
“Usizwise ubuhlungu obukhulu, akumele adedelwe kangangoba nezingane ezincane ezikhona lapha ekhaya zibone into ebuhlungu kubalwa nezingane zabo. Ngifuna kuboshwe nabehamba nabo emotweni ngoba ngizwile ukuthi ubengeyedwa,” kusho uNtuli.
Uthe ubesemsebenzini ngesikhathi kenzeka lesi sigameko. Abale mindeni baveze ukuthi bebengazi ngokuthandana kwalaba ababulewe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstabwle Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa, wathi ubhekene namacala amabili okubulala, amabili okuzama ukubulala nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.