BESEHLALE edlubhe iphinifa nezinwele zokufakelwa zabesimame ukudida umkhondo, owesilisa obese kuphele izinyanga ezintathu esekubhaceni ethungathwa amaphoyisa ngamacala, elokubulala unina wezingane zakhe, elokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka engu-11 nelokuzama ukudlwedlungula indodakazi angayizali eneminyaka engu-18.
Lesi sigameko kuthiwa senzeka ngosuku olulodwa endaweni yakwaMlambo, KwaNyuswa ngoMeyi sashiya abantu bendawo bekhungathekile.
Umsolwa oneminyaka engu-36 obevele okokuqala eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesihlanu, kuthiwa zamkhalela ebhace ezihlotsheni eLovu, eThekwini ngesonto eledlule, kanti ngokusho kwelungu lomndeni wabagilwa, bese ehlala egqoke iphinifa nezinwele zabesimame zokufakelwa uma ephumela phandle.
“Kusinikeze ithemba elikhulu ukuboshwa kwakhe ngoba kusho ukuthi umthetho usuzokwazi ukusebenza. Nakuba kubuhlungu futhi kungeke kumbuyise udadewethu kodwa okuhle ukuthi useboshiwe futhi siyathemba ukuthi ubulungiswa buzokwenzeka athole isijeziso esimfanele,” kusho okhulumela umndeni.
Kwenzeka lesi sigameko nje, kuthiwa umsolwa nomufi (amagama abo agodliwe ukuvikela abagilwa), base beneminyaka engu-15 bethandana futhi behlala ndawonye nezingane zabo, okuyindodakazi eneminyaka engu-18 eyafika nonina, nezingane zabo ezintathu, indodakazi eno-14, neno-11 nomfana onezinyanga eziyisithupha.
Isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-38 kuthiwa satholwa ngumfowabo ngezansi komthangala womuzi abehlala kuwo, sinezibazi zokuklinywa, sisongwe ngengubo sambozwa ngamahlamvu ekuseni ngosuku okukholakala ukuthi kwenzeka ngalo isigameko.
Kuthiwa ngobusuku obandulela okwatholwa ngabo isidumbu sikanina wezingane zikamsolwa, umsolwa wayetshele izingane ukuthi baxabanile nonina wazo waphuma wabaleka ewumuntu oyobikela amaphoyisa. Kuthiwa umsolwa wacela indodakazi yakhe eno-11 ukuthi imphelezele ayobheka ehlathini eliseduze, wafika khona wayishintshela, wayikhumulisa wabe esiyidlwengula.
Kuthiwa wabuya wavala umnyango wabiza eno-18 angayizali esegunjini lakhe lokulala wazama ukuyidlwengula kodwa wagcina ngokuyingcolisa emathangeni, kwathi besakutakutana, eno-11 yathola ithuba lokufonela izihlobo ichaza ngokwenzekayo, kodwa ekufikeni kwabantu waphulukundlela wabaleka njengoba eze waboshwa ngesonto eledlule.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuboshwa kukamsolwa wathi ubhekene namacala elokubulala nelokudlwengula.