UBONGA amandla kaNkulunkulu uSihlalo wenhlangano yodokotela, iSouth African Medical Association (Sama), ogwazwe yizigilamkhuba esendleleni ebheke ekhaya ngoMgqibelo.
UDkt Mvuyisi Mzukwa uthe wayemile emgwaqweni kuN2 ngaseCato Manor, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku, ngoba imoto yakhe inenkinga ngesikhathi kuqhamuka izigilamkhuba zimhlasela.
Uthe wayehleli ngaphakathi emotweni ivaliwe, wezwa isishaywa ngesitiini ngabantu abangaziwa abathushuka esigangeni, bamphoqa ukuthi aphume emotweni maqede bamgwaza esifubeni.
"Izigilamkhuba bezihamba ngezinyawo, sezingigwazile zathatha i-laptop ebisemotweni, zabaleka. Ngemuva kwesikhashana, kwaqhamuka amaphoyisa kamasipala angisiza ngento ebeyinkinga emotweni. Ngangena kuyo ngayishayela, ngaqonda esibhedlela.
“Isimo besisibi ngoba bengilaliswe egunjini labagula kakhulu kodwa sengiphumile kulo, ngelulamela egunjini elijwayelekile. Ngibonga amandla engiwaphiwe nguNkulunkulu ukuthi ngikwazi ukushayela ngokushesha ngiye esibhedlela ngoba kwase kukude ukuthi ngilinde i-ambulensi ngoba ngangopha," kusho yena.
Icala uthe ubengakalivuli. UNobhala wenyunyana yabasebenzi iHospersa, uMnuz Waheed Hoosen, uthe sibethusile lesi sigameko sokuhlaselwa kukaMzukwa.
“Simfisela ukuthi alulame ngokushesha. Izinga lobugebengu kuleli selifinyelele esigabeni esishaqisayo.
“Lesi sigameko sikhombisa ukuthi sesisenkingeni. Sifisa ukuthi abomthetho benze konke okusemandleni ukuthi kubanjwe izigilamkhuba,” kusho uHoosen.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Sibongiseni Dhlomo, elike lamvakashela uMzukwa esibhedlela, lithe kumjabulise kakhulu ukumfica elulama ngemuva kwesigameko.
"UMzukwa wenze ubuqhawe wakwazi ukushayela aphuthume esibhedlela opha, ukube uke walinda ngabe isimo sakhe sibe sibi kakhulu kunalokhu," kusho yena.
USihlalo wekomiti lezeMpilo ePhalamende, uDkt Kenneth Jacobs, uthe kuyamangaza ukuthi umuntu uhlaselwa kabuhlungu kangaka esemotweni yakhe.