IYASHUBA phakathi kukaNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube nenyunyana yothisha iSadtu KwaZulu-Natal, njengoba esephumele obala wathi uzokwenza umsebenzi wakhe ngaphandle kokusatshiswa.
UNksz Gwarube uthe uzoqhubeka enze umsebenzi wakhe ngaphandle kokwenzelela, wachitha nokuthi le nyunyana yamxosha ngesikhathi ezama ukukhuluma namalungu ayo ayebhikisha ngeledlule ngesikhathi ehambele eThekwini, kwesinye sezikole esakhiwayo.
“Ngeke ngiphazamiseke emsebenzini wami, engiwenza ngaphandle kokusaba nokwenzelela. Ngazama ukuyokhuluma namalungu eSadtu ayebhikisha, angafuna ukungilalela ngagcina ngihambile,” kusho uNksz Gwarube.
Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo yamalungu ePhalamende, ambuze ukuthi kungani iSadtu yamxosha wangakwazi ukukhuluma nayo?
UNobhala weSadtu esifundazweni, uNksz Nomarashiya Caluza, ekhuluma nabezindaba kuleli sonto, uveze ukuthi ngeke bamlalele uNksz Gwarube, owahluleka ukuhlonipha uMengameli Cyril Ramaphosa, ngokungawuhambeli umcimbi wokusayinwa komthetho wezikole i-Bela.
Uthe ngeke bamlalele umuntu ongahloniphi ekubeni ephethe umnyango obaluleke kangaka.
“Ngeke simlalele ngoba akahloniphanga umengameli wezwe. Kumele azi ukuthi akayena uNgqongqoshe we-DA kodwa unguNgqongqoshe wawo wonke umuntu,” kusho uNksz Caluza.
Kuma-video afakwa ezinkundleni zokuxhumana zeSadtu, kuvele uNksz Gwarube, ehambisana nephini lakhe uDkt Reginah Mhaule, owayezama ukumcubuzela amagabade ukuthi amalungu ale nyunyana amlalele.
Kwaze kwangenelela uMphathiswa wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sipho Hlomuka, owathi bazohamba ngoba la malungu ayala ukhasha, engafuni kumuzwa.
Kwathi uma esehamba aqhubeka eziculela ethi akahambe, awafuni ukumlalela.
I-DA esifundazweni isabise ngokuthi izophoqeleka ukuya enkantolo uma kungukuthi iSadtu iyaqhubeka nokuchukuluza uNksz Gwarube, uma esesifundazweni.
ISadtu esifundazweni, isemkhankasweni wokulwela izikole ezingayitholile imali yama-norms and standards ukuze zikwazi ukuthenga izinsiza zokubhalisa izivivinyo.
Ilwela nokuthi othisha bathole uchatha wabo ka-1.5% we-pay progression, wokuphucula amaholo abo okumele ngabe yangena ngoJulayi, nonyaka.
Umnyango wesifundazwe uthembise ukuthi le mali izongena ngenyanga ezayo.
Odabeni lwemali yezikole, ikhona esifakiwe ezikoleni kodwa enye isashoda.
UNksz Gwarube, useke wakhala ngezinkinga ezibhekene noMnyango zeziMali.
Lo mnyango ubhekene nengwadla yokungakwazi ukukhokhela osonkontileka ngesikhathi. Inkinga idalwa nawukuthi awukwazi ukuvala izikhala ezibalulekile ngaphakathi emnyangweni.
Muva nje, uveze ukuthi ngeke sishintshe isibalo sothisha abasezikoleni nakuba sikhula minyaka yonke isibalo sabafundi ngenxa yezinkinga zokushoda kwemali.