KUDLA ephaketheni likahulumeni phakathi kuka-R3 800 kuya ku-R4 000, ukugaya amaphepha akwa-matric abhalwa umfundi ngamunye.
Le mali eyazo zonke izifundo eziyisikhombisa kuya phezulu ezibhalwa abafunda u-matric.
Lokhu kuvezwe okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga.
UMhlanga uthe kudla imali ukugaya amaphepha ka-matric abhalwa abafundi mahhala.
Uthe cishe kudla u-R2.9 billion ukugaya amaphepha njengoba abafundi ababhala u-matric ngokugcwele bebalelwa ku-727 121, kulo nyaka.
“Uma uhlanganisa nabangu-155 215 ababhala u-matric ngasese, kudla u-R3.6 billion, uma imali isihlanganisiwe. Kuyabiza ukubhalisa izivivinyo,” kusho uMhlanga.
Ukusho lokhu echitha imibiko yokuthi umnyango uchitha imali enkulu ubhalisa izivivinyo.
NoMqondisi jikelele eMnyangweni wezeMfundo uMnuz Mathanzima Mweli, uthe kuyabiza ukubhalisa izivivinyo.
Uthe amanye amaphepha agaywa yizinkampani ezizimele ngoba zinohlelo lokuthi amaphepha angaputshuki.
“Eminye iminyango yezifundazwe isebenzisa izinkampani ezizimele ukugaya amaphepha ka-matric. Ezinye zisebenzisa inkampani kahulumeni iGovernment Printing Works (GPW). Le nkampani kahulumeni yenza neminye imisebenzi kahulumeni.”
UMweli obekhuluma namalungu ePhalamende izolo, uthe abazikhetheli izifundazwe ukuthi ziwagaye kuphi amaphepha ka-matric.
Udalule nokuthi izinselelo zemali emnyangweni zenza bangakwazi ukuphothula eminye imisebenzi.
“Sibhekene nezinkinga ezithinta imali okwenza singakwazi ukukhokha ngesikhathi. Lokhu kwenza singakwazi ukukhokhela izinsiza eziningi silinde kuze kungene imali.”
Usho lokhu nje le nkinga yemali emnyangweni isisezandleni zikaMengameli Cyril Ramaphosa.
URamaphosa ukhulume kabanzi ngenkinga yemali ebhekene nomnyango.
Uveze ukuthi uMgcinimafa uyingxenye yohlelo lokuthi kutholakale isixazululo enkingeni yemali ebhekene noMnyango wezeMfundo.