KUBE yinjabulo yodwa kubafundi basesikoleni samabanga aphansi, i-Windy Heights, esiseMalukazi, bevakashelwa nguDJ odumile ngenhloso yokwelula isandla kulabo abaphuma emakhaya aswele.
UNkosinathi Maphumulo, odume ngelikaBlack Coffee, izolo uvakashele lesi sikole emva kokuthi ngoSepthemba nonyaka inhlangano yakhe, iBlack Coffee Foundation, namanye amaciko, osomabhizinisi nezingqalabutho zomzabalazo zihlonishwe yilesi sikole ngokuthi kuqoshwe amagama abo ematsheni aphanyekwe ezakhiweni zesikole.
Ngesikhathi kunomcimbi wokwembulwa kwale mibhalo, uBlack Coffee kuthiwa wayematasa neminye imisebenzi okwenze wagcina enqume ukuya izolo esehambisana nabakwaHollywood Bets Foundation, ngokubambisana banikela ngomfaniswano nezicathulo zesikole kubafundi abangu-185 kulesi sikole.
Lo DJ, othandwa kakhulu kuleli nasemazweni angaphandle, unxuse abafundi ukuthi bazimisele kukhona konke abakwenzayo ngoba bayikusasa lezwe.
“Kumele nizimisele kakhulu njengoba nibancane, nazi ukuthi noma yisiphi isinqumo enisithathayo siyinkombandlela yekusasa lenu. Njengoba nisebancane, uma nizokuqondisisa lokhu, niziqaphele nibheke wonke amagxathu eniwathathayo - konke enifisa ukuba yikhona niyoba yikho,” usho kanje.
Ekhuluma nabezindaba emva komcimbi nabafundi, uthe lokhu abakwenzayo bebambisene neHollywood Bets Foundation, bayaqhubeka nakho njengoba bebedlulela kwezinye izikole ezintathu ezindaweni ezehlukene okubalwa kuzo neQondokuhle Primary School, eMlaza, okuyisikole samabanga ayefunda kuso ukuyokwenza okufanayo.
Uthe ngaphandle komfaniswano, banqume ukuthi banikele nangezijumbane zokudla ngethemba lokuthi iminikelo yabo izowenza umehluko emindenini edinga kakhulu ngalesi sikhathi.
UThishomkhulu kulesi sikole, uNksz Thembekile Makhanya, uthe ngesikhathi kuvela ukuthi kuzonikelelwa izingane, kuthathwe izingane ezinhlanu ekilasini ngalinye okubonakala ukuthi ziswele kunezinye, kwayizo ezihlomula kulo mnikelo.