WESABA ukubuyela ekhaya owesifazane waseMnambithi, othi ubhunyelwe ngumnyeni wakhe ngamafutha ashisayo emsola ngokuphinga.
UNkk Ntholeng Rankutha Zondo, olaliswe kwesinye sezibhedlela eThekwini, lapho elashwa khona amanxeba okusha, uthi uyoyikhohlwa efile into eyenziwe ngumyeni wakhe ombhunyele ngamafuthi ashisayo ngoba ethi ungenisa amadoda emzini wabo.
Elandisa ngesigameko uNkk Zondo uthi ngempelasonto edlule, ubize umakhenikha obemkhandela imoto yakhe ebifile ime egcekeni kanti umyeni wakhe ubengekho. Ufike imoto isidunyiswa kukhona nomakhelwane obesiza kwasuka ingxabano ethi ufaka amadoda emzini wabo.
"Ingxabano yethu ize yafika lapho ngimtshele khona ukuthi bekumele kube nguye obiza omakhenikha kodwa ngoba uhlale engekho ekhaya endiza nabesifazane akakwenzanga. Ngizibizele umakhenikha wayikhanda imoto, isiyahamba naye uyayibona. Kube sengathi ludlulile lolo daba, wabuye waluvusa ngoMsombuluko ebusuku lapho engishise khona ngamafutha," kuchaza uNkk ngesigameko.
Uqhube wathi umyeni wakhe ungumuntu ohlale esola ukuthi unomunye umuntu aya naye ocansini. Uthe uma eke wahamba yedwa uyamhlola ukuthi akalalanga namuntu yini.
"NgoMsombuluko (13 Disemba) ngibuye kuqala emsebenzini, ngalala ngoba bengikhathele. Ngavuka ngo-8 ukuze ngijove ngoba nginoshukela. Ngimfice ekhishini, ephekile ngambuza ukuthi uphekani ebusuku, angikhumbuli ukuthi uphendule wathini. Ngabuyele embhedeni," kusho yena.
Uqhube wathi ngemuva kwesikhashana umyeni wakhe ungene nebhodwe ekameleni ethi ufuna ukumqeda ubuhle ngoba useqomile.
"Angazanga noma amanzi noma yini le ebisebhodweni. Ngidonse i-suitcase ebiseduze kombhede ngazimboza ngayo kodwa olunye ihlangothi lobuso belungambozekile, wangithela. Ngathi ngisakhala wadonsa umkhonto ethi ufuna ukuqeda ngami. Ngenhlanhla washibilikiswa amafutha wawa, ngakwazi ukubaleka ngayowela ngaphandle ngimemeza, kwezwa omakhelwane," kusho yena.
Uthe njengoba esesibhedlela nje akazi ukuthi uma ekhishwa uzobuyela kuphi ngoba useyamesaba umyeni wakhe uma kungenzeka adedelwe ngebheyili.
“Ubengihlukumeza kodwa bengingakaze ngicabange ukuthi angangenza into ebuhlungu kanje. Kufana nokuthi ungibulele. Izilonda zami odokotela bathi zijulile futhi azipholi ngoba nginoshukela,” kuqhuba uNkk Zondo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuboshwe indoda (48) ngecala lokuthela unkosikazi wayo ngamafutha ashisayo.
“ Le ndoda ivele enkantolo yeMantshi eLadysmith ngoMsombuluko (19 Disemba) ngaleli cala,” kusho uConstable Ngcobo.