UPHINDE wabhekana nezinye izivunguvungu uMbuso weSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini ngonyaka odlule.
Kusukela iSilo sangena esihlalweni eminyakeni emibili eyedlule, umbango ubulokhu ukhona, kepha umbuso weSilo ukhombise ukuzamazama.
Umbuso weSilo uvivinywe yisinqumo senkantolo, kwawa izinsika ezeseke umbuso kaZulu, kwaphinde kwagqama uqhekeko kwabeseka iSilo.
Isinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli esichitha isinqumo sikamengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo, senze labo abaphikisa ukuqokwa kweSilo babona benethuba lokusiketula.
Inkantolo ikhiphe lesi sinqumo emva kokuba uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, noMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, bafaka izicelo ezehlukene lapho babephonsela inselelo ukuqokwa kweSilo.
Yize uRamaphosa esefake isicelo sokudlulisela phambili isinqumo senkantolo, abaphikisa ukuqokwa kweSilo bahambela phezulu.
Leli icala lokuqala iSilo esehlulwe kulo kusukela sangena esihlalweni.
Kulo nyaka kuwe insika ebiyeseke umbuso weSilo njengoba kuguqe undunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
UButhelezi, ukhothama nje ubesebe undunankulu kaZulu ngaphansi kwamakhosi amathathu.
Waqokelwa kulesi sikhundla iSilo sakwaKhethomthandayo, uCyprian Bhekuzulu ngo-1954.
Waqhubeka nalesi sikhundla ngaphansi kweSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, njengoba futhi ebesaqhubeka ngaphansi kweSilo esibusayo.
UButhelezi ubephambili ekwesekeni iSilo kusukela singena esihlalweni.
Ubelokhu eseduze kweSilo ngesikhathi siqula amacala.
Kepha ubudlelwane beSilo noButhelezi buvivinyiwe.
Kube khona amahlebezi okuthi iSilo noButhelezi abavumelani ngokuqokwa kwebhodi elisha lesikhwama esigadele iSilo umhlaba, Ingonyama Trust.
ISilo saqoka inkosi uThanduyise kaMpiyezintombi Mzimela ukuba abe usihlalo webhodi elisha.
Kubikwa ukuthi uButhelezi wayefuna ukuba kuqhubeke iJaji Jerome Ngwenya kulesi sikhundla.
Lesi simo saphoqa ukuba uButhelezi aze abize umhlangano wamakhosi, ezozwakalisa ukungenami kwakhe ngesinqumo.
Kwaba nemibiko yokuthi uButhelezi waze wanqaba nokusayina amaphepha afungelwe ecaleni elichithe ukuqokwa kweSilo ngoba nakhu ephikisana nokuqokwa kukaMzimela.
Ngesikhathi uButhelezi enqaba ukusayina amaphepha, kuthiwa iSilo selulekwa ngokuthi mancane amathuba okuthi sinqobe icala ebelithethwa eNkantolo eNkulu ePitoli.
Kube nokuklwebhana phakathi kwehhovisi leSilo nelikaButhelezi.
Kushube isimo ngesikhathi kuqophisana ihhovisi leSilo nelikaButhelezi ngemibiko yokuthi iSilo siyadunguzela.
Lo mdonsiswano waqala emva kokuthi uButhelezi amemezele ukuthi iSilo siyadunguzela, wathi kusolwa ukuthi sidlisiwe.
UButhelezi wathi iSilo singeniswe esibhedlela esiseSwatini emva kokushona kwenduna eyayiseduze kwaso, uMnuz Douglas Xaba, okusolwa ukuthi wadliswa.
Okhulumela iSilo, uMntwana u-Africa Zulu, wakuchitha lokhu.
UMntwana u-Africa wathi iSilo besiyoxilongwa ngokwejwayelekile esibhedlela, wachitha ukuthi siyadunguzela.
Kuqhubekile ukusocongwa kwabaseduze kweSilo.
Kusocongwe induna uMbangiseni Mbuyisa, owayeyiso leSilo kwaNobamba.
ISilo siphinde savala isikhala somdidiyeli wamabutho ebese sihlale isikhathi eside singenamuntu kulandela ukukhothama kowayephethe lesi sikhundla, uMnuz Mlandeni "Mgilija" Nhleko.
ISilo saqoka uMntwana uVanana Zulu nenduna uMnuz Sipho Mhlongo ukuba babambisane kulesi sikhundla.
Ukuqokwa kwabo kwamenyezelwa ngesikhathi kunomkhosi weLembe.
Amaqembu ezepolitiki aqhubekile nokuyokhonza eSilweni.
Cishe wonke amaqembu ezepolitiki amakhulu ayile ukuyokotha iSilo.
Phakathi kwala maqembu kubalwa ubuholi be-ANC kuzwelonke, obe-EFF, IFP neDA KwaZulu-Natal.
Uhambo olwagqama kakhulu olobuholi be-IFP lapho umengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ethula amalungu eqembu eSilweni.
I-IFP yasungulwa uButhelezi, futhi yaba phambili ekwesekeni iSilo ngesikhathi ukuqokwa kwaso kungakavunywa uhulumeni.
Omasipala be-IFP ibona ababexhasa imikhosi yasendlunkulu ngesikhathi uhulumeni wesifundazwe uhoxise uxhaso.
ISilo sachaza i-IFP njengeqembu ‘lasekhaya’, sathi ngeke siyilahle.
Saphinde sazwakalisa ukuvumelana nombono wokuthi isiShayamthetho saKwaZulu-Natal sibuyele oLundi.