Nontuthuko Ngubane
USOLA umbango embonini yamatekisi umndeni kasomatekisi odutshulwe wafa engena emzini wakhe eTrustfeed, ngoLwesihlanu ebusuku.
UMnuz Thulani “Skhindi” Gabela (43), obenguNobhala KwaSwayimane/Wartburg Taxi Association, kuthiwa udutshulwe ehamba nomngani wakhe okuthiwa uyinyanga, besendleleni ebheke emzini wakhe oseTrustfeed.
Kusolwa ukuthi umngani ubeyokwelapha emnzini kasomatekisi ngesikhathi behlaselwa, kodwa umndeni ukuchithile lokho.
Umufi kuthiwa uthelwe ngoyaba lwezinhlamvu, kwatholakala inqwaba yamagobolondo.
Bashonele endaweni yesigameko nomngani umthombo weSolezwe oqinisekisile ukuthi uyinyanga.
UNksz Nomvula Shezi oyingoduso kaGabela ethintwa yiSolezwe, uthe nakuba besadidekile ngokubulawa kukamufi kodwa beluvele lukhona udungunyane embonini yamatekisi abeke ambikele ngalo.
“Kungenzeka kube ukungaboni ngaso linye yikhona okuholele ekudutshulweni kwakhe. Ubeqeda kungishiya ekhaya siphuma kothengela ingane ikhekhe njengoba ibizalwa ngoLwesihlanu, engumuntu obuyayo kanti usezokwehlelwa yilesi sehlo,” kusho uNksz Shezi.
Kunamahlebezi athi uGabela ubengomunye wabasekhaleni emizameni yokuqeda izimoto ezithutha abantu ukubayisa emsebenzini kodwa zingekho ngaphansi kukasoseshini.
Umthombo ohlebele leli phephandaba, uthe sekunesikhathi eside abemboni yamatekisi bezama ukunqanda lezi zimoto.
Omunye womndeni ocele ukungadalulwa, uthe umfowabo ubevele esedwetshelwe umugqa obovu ngokuthi kuzoshaya * -Agasti 1, sebembulele.
“Bambulale ngoLwesihlanu kuyoshaya * -8 ebesuku. Ubehamba ngeQuantum lakhe elisha. Belinamasonto amabili lithengiwe. Ubephuma eWartburg ukuyolanda umngani wakhe wakwaDladla, waseMuden. Asinaso isiqinisekiso sokuthi ubeyinyanga yini, sizwe kuthiwa uyinyanga. Kudala umfowethu esatshiswa embonini. Eminyakeni eyisishiyagalombili edlule amatekisi akhe ake ahlaselwa. Bekunombango embonini, kunamatekisi angena ngokungemthetho, yena elwa nalokho.
“Kusuka kuqala isonto ubethola izinsongo. NgoLwesibili nangoLwesithathu kukhona owamshayela ucingo.
“Kwatshelwa nengane yakhe ukuthi ayiwashayele iwagcine la matekisi ngoba kuzophela. Bekunezinkulumo ezithi koshaya umhla ka-1 Agasti engasekho. Kanti kuzokwenzeka ngempela,” kusho owomndeni ongeke adalulwe.
Umufi kuvele ukuthi ubenamatekisi amathathu.
“Ubefundile eneziqu zeManagement. Ubengumuntu ohlakaniphile kakhulu. Wangena ematekisini cishe eminyakeni engu-19 edlule,” kusho owomndeni.
Umufi unezingane ezinhlanu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseNew Hanover aphenya amacala amabili okubulala.
“Izidumbu ezimbili zamadoda aneminyaka ephakathi kuka-40 no-44 zitholwe zisetekisini zinamanxeba okudutshulwa esigcemeni saseMamnani eTrustfeed,” kusho uCaptain Gwala.
Khonamanjalo, kuphinde kwadutshulwa itekisi inabagibeli kuM25 eMzinyathi, eThekwini, ngoMgqibelo.
UCaptain Gwala uthe kulesi sehlo kushone umshayeli wetekisi nomgibeli kwathi abanye abagibeli abathathu baphuthunyiswa esibhedlela benamanxeba okudutshulwa.
Imenenja ehhovisi leSantaco esifundazweni, UMnuz Sfiso Shangase, ithe bezwa ubuhlungu ngesigameko sokubulawa kosomatekisi.
“Abantu abangenazo izimvume zokusebenza asikho isidingo sokuba bahlaselwe ngabantu abasebenza embonini. Sizolandelela kulolu daba lokubulawa kosomatekisi ukuze sizolekelelana namaphoyisa ngokuboshwa kwabasolwa. Abanye abanolwazi abeze nalo ukuze kuzotholwa ababulali. Siyalukhuza nje udlame kule mboni, alwamukelekile,” kusho uShangase.