UBENOBUDLELWANE obuhle nabantu abamnyama uMfu Erlo Stegen webandla laKwaSizabantu, eKranskop KwaMaphumulo.
Lokhu kushiwo yindodakazi yakhe, uNkk Ruth Combrink enkonzweni yomngcwabo wakhe izolo kule ndawo.
uStegen obedume ngelikaStekeni, ushone ngoSepthemba 26 emva kokugula isikhathi eside.
UNkk Combrink uthe isizwe samaZulu sikhombise uthando lweqiniso kuyise ngesikhathi efika kule ndawo elethe ivangeli, wagcina esedala namathuba omsebenzi.
“Lolo thando isizwe samaZulu siqhubekile nokulukhombisa nakithina esiwumndeni wakhe,” kusho uNkk Combrink.
Uqhube wathi kuyisifiso sabo njengomndeni ukuthi umndeni, ibandla laKwaSizabantu nomphakathi wakule ndawo baqhubeke nokubambisana nokuba nobudlelwane obuhle.
Owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma uthe bazophelezela insizwa eyiqhawe likaNkulunkulu.
“Ungumholi ebesimazi ngokuthanda abantu, esebenza ngokuzikhandla kakhulu, esebenzela izwi likaNkulunkulu, nabantu bakaNkulunkulu,” kusho uZuma.
Uqhube wathi uyafisa ukukugqamisa ukuthi le ndoda ibiyindoda kaNkulunkulu ngokuphelele futhi ibiyindoda ekhuthele, iphinde ikhuthaze abantu ukuthi abakhuthale nabo.
“Besibuye simazi ngokuba yindoda yeqiniso, inesibindi, inothando lwabantu, nomndeni wayo. Ibiyindoda engumholi ogqamileyo kwezenkolo, enomusa, ephana. Ngithemba ukuthi ukuba khona kwethu ngobuningi bethu lana kukhomba khona ukuthi ubengumuntu wabantu,” kusho uZuma.
UNgqongqoshe wezeziMali, uNkk Peggy Nkonyeni obemele undunankulu wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe bonke bayavumelana ngokuthi umuthi omkhulu uwile.
Uthe uMfu Stegen ubephilela abanye abantu.
“Namuhla sihlangene la ukuzovalelisa kumuntu obewusizo kakhulu emphakathini waKwaSizabantu, KwaMaphumulo neKwaZulu-Natal yonkana. Sila ukuzobungaza impilo yakhe nesibindi sakhe sokuthi awushaye indiva umthetho kahulumeni wobandlululo owawungavumi ukuthi abamnyama nabamhlophe bahlalisane. Ngempela silahlekelwe,” kusho uNkk Nkonyeni.
Emngcwabeni, bekukhona nabaseNdlunkulu, UNgqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi uMnuz Sihle Zikalala, okhulumela i-IFP uMkhuleko Hlengwa, umeluleki kaMengameli waseZimbabwe, uMnuz P Tungwarara noMntwana uZuzifa Buthelezi.