UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthi izinqumo ezizothathwa engqungqutheleni yaleli qembu, obekuhlewe ukuthi isongwe namhlanje entathakusa, yizona ezizocacisa ukuthi lizokwazi yini ukunqoba ukhetho lukazwelonke oluzokuba ngonyaka ozayo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula isigaba sesibili sengqungquthela esongwe sekusetshenziswa ezokuxhumana ngobuchwepheshe.
Le ngqungquthela iyisigaba sesibili sengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ebingDisemba. Ingqungquthela yangoDisemba iguqe ingakapheli ngenxa yesikhathi.
URamaphosa utshele izithunywa ukuthi izinqumo zengqungquthela zizocacisa ukuthi le nhlangano izokwazi yini ukunqanda ukwehlelwa wukwesekwa okhethweni lukazwelonke.
Muva nje, i-ANC yehlelwe ukwesekwa ezinkethweni ezedlule, yaze yalahlekelwa yinqwaba yomasipala, okubalwa kubo nomasipala abakhulu bakuleli.
URamaphosa ukhale ngokuthi i-ANC isiqhele kakhulu kubantu, wakhala nangokungasukunyelwa kwezidingo zabantu.
“Ngokwezingxoxo eziqhubekayo, kuyacaca ukuthi kufanele sibhukule, silungise izinkinga ezibhekene nabantu bakuleli. Izinqumo esizithathayo kufanele zikwazi ukushintsha impilo yabantu. Uma izinqumo zethu zehluleka ukuletha ushintsho emiphakathini, kufanele senze izinto ngendlela eyehlukile.
“Into eshiwo kakhulu kule ngqungquthela ngesikhathi sihlangene okokuqala, ukuthi kunesidingo sokuthi silungise ubudlelwano bethu nabantu bakuleli. “Thina njenge-ANC kufanele sisebenzele abantu bakuleli.
“Kufanele sisebenzele ukubuyisa ukwethenjwa abantu bakuleli. Kufanele sivume amaphutha ethu bese siyawalungisa. Kufanele sizehlise siphinde sisebenze ngobuqotho.”
Izithunywa bezihlangene ezindaweni eziyisishiyagalombili ezehlukene, bese zixhumana kusetshenziswa ezobuchwepheshe.
KwaZulu-Natal izithunywa bezihlanganele eThekwini, eDurban Exhibition Centre.
Ubuholi be-ANC bujube amalungu esigungu esiphezulu abeholwa owayengusihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu, ukuba azoqapha ukuqhubeka kwengqungquthela esifundazweni.
Phakathi kwamalungu esigungu esiphezulu abejutshwe KwaZulu-Natal, kubalwa uMnuz Sihle Zikalala, Mdumiseni Ntuli, Cyril Xaba noNkk Peggy Nkonyeni.
Phakathi kwabaholi abanohlonze ababonakale eDurban Exhibition Centre kubalwa loyo owehlulwe embangweni wokuhola i-ANC, uDkt Zweli Mkhize, nowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.
Bekulindeleke ukuthi uRamaphosa ethule inkulumo yokuvala ingqungquthela ezintathakusa namhlanje.
Le ngqungquthela iqedelwa nje, i-ANC imatasa ilungiselela umcimbi wokugubha iminyaka engu-111 kwasungulwa le nhlangano.
Lo mcimbi owaziwa ngeJanuwari 8, uzokuba seFree State, ngeSonto.