BAZIDELE amathambo baphumela obala othisha besifazane baveza ukuthi nabo ubadlwengulile uthishanhloko waseChibelihle Combined School, eMpendle, osolwa ngokudlwengula umfundi ekilasini esikoleni.
Labo thisha abathathu baphumele obala emashini ebikulesi sikole, inhlangano iSanco ihlangene nomphakathi ithi akaxoshwe asulwe nasemabhukwini obuthishela uthishanhloko.
Ngeledlule leli phephandaba lishicilele udaba ngomfundi oneminyaka ewu-17 oseyeke nesikole ekhala ngokudlwengulwa wuyena uthishomkhulu.
Kuthiwa lo thishanhloko wesatshiswa okwenyoka esikoleni, kanjalo nasemphakathini. Labo thisha bathi bebesaba ukumvulela amacala.
Batshele leli phephandaba ukuthi bazomvulela amacala bobathathu, basalinde ukuthi bahlangane ukuze bayobhala izitatimende bebobathathu.
Omunye wothisha okhulume naleli phephandaba kodwa wathi angadalulwa, uthe uthishamkhulu ubenomkhuba wokushaya ucingo ebusuku ababize athi abaphuthume esikoleni kukhona okumele bakulungise.
Kuthiwa othisha besifazane bebeza, uma sebefikile azitike ngabo ngocansi bengavumanga.
Omunye uthisha utshele leli phephandaba ukuthi yena wadlubulundela waphuma ngewindi ekilasini uthishanhloko efuna ukuzitika ngaye ngenkani. Wayesemkhumulile esesele ngephenti.
NgokoMnyango wezeMfundo, lolu daba lusezandleni zesekethe yasendaweni. Omele isigungu sabalawula isikole, waveza ukuthi bayalwazi udaba futhi baphezu kwalo balusebenza naboMnyango wezeMfundo.
Kuvela ukuthi uthishanhloko useboshiwe mayelana nalezi zinsolo, wabingelela imantshi eMgungundlovu. Sichithiwe isicelo sakhe sebheyile. Kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngoMsombuluko.
IPhini likaSihlalo weSanco esifundeni iGarnet Mlete, uMnuz Thami Mkhulisi lithe ziningi ezinye izinsolo ezivelayo ngothishomkhulu, okubaphethe kabi beyinhlangano emele umphakathi.
Noma ethe ngeke anabe ngazo ngoba zisezandleni zamaphoyisa, kodwa kuyavela ukuthi kunabanye abantu besifazane abamkhombayo ngokubadlwengula.