UMHOLI we-MK, uMnuz Jacob Zuma, ufuna amavoti enhlangano yakhe afakwe ebhokisini lawo wodwa nxa kunokhetho.
Uthe lokhu kuzokwenza ukuthi angantshontshwa amavoti abo uma sekubalwa emva kokhetho.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokugubha unyaka kwasungulwa i-MK, obuseMoses Mabhida ngeSonto.
UZuma uthe ukuhlanganiswa kwamavoti awo wonke amaqembu ebhokisini elilodwa kwenza ukuthi ekugcineni kube namavoti antshontshwayo.
“Ukube kuya ngami bengizothi asitholelwe umgqomo omkhulu. Yithi kuphela esizofaka amavoti ethu lapho. Nalaba abanye bazokwakhelwa ezabo izigubhu. Noma sekubalwa, sizozibalela.”
UZuma uthe ukube kuya ngaye bebezoluduba ukhetho oluzayo uma ingashintshwa indlela okuvotwa ngayo.
Uthe akulungile ukuthi amavoti angabalwa esidlangaleni.
Umcimbi wokugubha unyaka kwasungulwa i-MK uqale emva kwesikhathi.
Nakuba ebephume ngobuningi amalungu e-MK, inkundla ayizange igcwale phama.
Abantu abaningi bahambe uZuma engakakhulumi.