INTANDOKAZI yemoto yakuleli esanda kuthuthukiswa iVolkswagen Polo Vivo ithole izinkanyezi ezine ngesikhathi ihlolwa ngabeGlobal New Car Assessment Programme (Global NCAP) ibihlolwa indlela evikela ngayo abagibeli uma iba sengozini.
IVivo iyintandokazi yemoto esigabeni sezimoto ezincane futhi ngoNovemba iketule iToyota Hilux ngokuba iyona edayise kakhulu kuleli.
Kuthengwe amaVivo angu-2 999 amaHilux aba ngu-2 702.
IVivo, okuyimoto ekhiqizwa kwaVW eGqeberha yakhelwe amakhasimende ase-Afrika. Ethuthukisiwe yengezwe ama-airbag amabili aba mane kanjalo ne-Electronic Stability Control.
Ngesikhathi ihlolwa ngaphansi komkhankaso owaqala ngo-2017 i-#SaferCarsForAfrica, ithole izinkanyezi ezine ngokuvikela abagibeli abadala nezintathu ngokuvikela izingane.
KwaVW bazicelele bona ukuthi ihlolwe. Eyakudala yathola ezimbili ngokuvikela abadala neyodwa ngokuvikela izingane ngesikhathi abeGlobal NCAP bezihlolela yona.
UMengameli weTowards Zero Foundation, uDavid Ward uthe kuyabajabulisa ukubona iVW ithuthukisa ezokuphepha enhlotsheni entsha yeVivo ngoba imiphumela yendala ibiphoxa.
“Sigqugquzela amakhasimende ukuthi akhethe inhlobo ephezulu enezinto ezithe thuthu zokuvikela,” kusho uWard.
Isikhulu se-Automobile Association of South Africa, uBobby Ramagwede, sithe akungatshazwa ukuthi iVivo iyintandokazzi entsheni nakwabathenga izimoto okokuqala.
“Kuyagqugquzela ukubona izinkampani ezakha izimoto zizinikela ekutheni kuhlolwe izimoto zazo nokwenza imizamo yokuthuthukisa ezokuphepha. Leyo mizamo ihambisana kahle nomkhankaso we-#SaferCarsForAfrica ogqugquzela ukuthi iznkampani zenze isiqiniseko sokuthi izimoto zazo zifakwe izinto ezibalulekule zokuphephisa amakhasimende.”
UNiels Wichmann oyinhloko yezimoto ezincane kwaVolkswagen kuleli uthe inkampani yabo izibophezele kwezokuphepha.
“Lezi zincomo ziveza ukuzibophezela kwethu ekunikezeni amakhasimende ethu izimoto ezithembekile futhi eziphephile.”
Ngokwemiphumela eyashicilelwa ngo-Agasti, iKia Pegas neRenault Triber zathola izinkanyezi ezimbili kwezinhlanu ngamazinga ezokuphepha kwathi iSuzuki Ertiga yathola eyodwa.