KUPHOSELWE inselelo abafundi abenza izifundo zezokuvakasha ukuthi basimamise lo mkhakha owumgomgodla wokuthuthukisa ezomnotho kuleli. Laba bafundi bebeyingxenye yombukiso wezinsuku ezimbili oqale ngoLwesibili, iTourism Entrepreneurship Career Expo, ebanjelwe ePrince Mangosuthu Airport, oLundi.
Umbukiso ubuhlanganise izikole ezingaphezu kuka-60 ezifundeni ezahlukene. Lo mbukiso ubuhlelwe wuMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo esifundazweni ngenhloso yokucija abafundi abakulo mkhakha. UNksz Zodwa Mdakane, obemele uMnyango wezeMfundo, uthe abakujabulelayo wukuthi kulo nyaka kumenywe abafundi bakwaGrade 11 ukuze basheshe bakhanyiseleke bengakafiki kwa-matric.
“Ngonyaka odlule isifundo iTourism siphaswe kakhulu kwamatric, kwanda no-distinction. Lokhu kusinika ithemba lokuthi lo mkhakha uya ngokukhula,” kusho yena.
UMnuz Sibonelo Nzimande, obemele umnyango obuhlele lo mbukiso, ukhuthaze abafundi ukuthi bangawubukeli phansi lo mkhakha futhi yibona asebeyithemba lokuba ngongoti bawo.
UNzimande ubuye wamukelisa imiklomelo abafundi abawine emncintiswaneni owenziwa yilo mnyango minyaka yonke, ukukhuthaza abafundi. Omunye wabafundi abawinile nguSphesihle Hlophe (17) waseNombika High eNdwedwe, ophume phambili emkhakheni we-One Day Itinerary.
“Kulo mncintiswano bekudingeka senze uhlelo lokuvakasha oluzoheha izivakashi. Ngikhethe ukucwaninga ngendawo yangasekhaya ngisizwa ngabantu bendawo. Ukuba kulo mbukiso kunginike ulwazi olunzulu engizoludinga njengoba ngifuna ukugxila emkhakheni wezokuvakasha,” kusho uSphesihle. USomlomo woMkhandlu wesiFunda waseZululand, uNkk Daphne Memela, obemele iMeya yoMkhandlu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uthe intsha isemathubeni okusimamisa umkhakha wezokuvakasha.
“Umkhakha wezokuvakasha akuwona nje owokungcebeleka nokulala emahhotela. Usinika ithuba lokufunda kabanzi nangamasiko amanye amazwe,” kusho uNkk Memela.
IMeya yoMkhandlu wasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase, ithe bayakujabulela ukuthi umbukiso ulethwe Ondini lapho kunomlando ocebile namagugu.
Bangaphezu kuka-30 osomabhizinisi nezikhungo ezahlukene ebeziyingxenye yalo mbukiso.
Bathole ithuba lokuchazela abafundi ngamabhizinisi namathuba emisebenzi ahambisana nomkhakha wezokuvakasha. Lo mbukiso uhanjelwe ngabafundi abalinganiselwa ku-4000 ngezinsuku ezimbili, bededelana ngokucobelelana ulwazi.