UBANJWE esikhumulweni sezindiza owesilisa odabuka kwelaseChina, obefunelwa icala lokubulala namanye okuzama ukubulala kulandela isigameko esenzeka ngenyanga edlule eDurban North.
Abesifazane abane abadabuka e-Asia babehleli emzini abebeqashe kuwo osemgwaqweni u-Adelaide Tambo, eDurban North, ngesikhathi kufika owesilisa naye owuhlanga lwabo.
“La besifazane bacele umlisa lo obefika ukuba abahambise esitolo esiseduze. Ngesikhathi bengena emotweni, kuphume omunye wesilisa naye owuhlanga lwabo, wavulela ngenhlamvu ebhekise kubona,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Kushone owesifazane oyedwa, abanye baphuthunyiswa esibhedlela besesimweni esibucayi.
Umsolwa wabaleka ngemuva kokwenza leli cala. Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International lapho kubanjwe khona umsolwa uChong Cheng odabuka eChina.
Ngemuva kokuboshwa kwakhe, lo mlisa oneminyaka engu-36, uvele kancane eNkantolo yesiFunda eGuateng ngaphambi kokubuyiswa KwaZulu-Natal, lapho avele khona eNkantolo yesiFunda eThekwini ngoMsombuluko, ngo-Meyi 6.
Uzogqunywa esitokisini aze abuyele enkantolo ngoMeyi 15, lapho azofaka khona isicelo sebheyili.