UMCULI wowokholo uFikile Mlomo ubonge uNkulunkulu ngokumnika elinye ithuba njengoba ebonakale okokuqala enandisa emcimbini wokugubha inyanga yabesifazane obuseThalaneni eNkandla.
Lo mculi owaziwa ngamacwecwe okukhona kuwo elithi Noma Kunje, Ngiyabonga Mama namanye, ubenandisa okokuqala phambi kwezinkumbi zabantu emva kokuthi ezinyangeni ezintathu ezedlule axinwa wukugula okwaholela ekutheni afe esingezansi, esehamba ngesihlalo.
Kwaba kubi ngendlela yokuthi ozakwabo baze bamenzela ikhonsathi yokuqoqa imali ukuze ayohlinzwa esibhedlela iNkosi Albert Luthuli eThekwini.
Ekhuluma neSolezwe, uthe ubonga abantu bakuleli ngokumnika uthando ebhekene nokufa.
“Abantu basangithanda futhi badinga okunye okuningi kimina. Bangitshengisile lokho ngesikhathi ngigula, bengithumelela imiyalezo befika nasesibhedlela bezongibheka,” usho kanje.
Uthe ukugula obekumxinile akumenzanga walahlekelwa ithemba.
“Besingekho isidingo sokuthi ngitatazele. UNkulunkulu ungidlulise ezintweni eziningi futhi obekungiphethe bengikuthatha njengomkhuhlane odlulayo yize bekukubi ngempela,” usho kanje.
Uphinde waqinisa idolo ababhekene noma abadlula ezimweni ezehlukene empilweni ukuthi bangatatazeli, behlise umoya ngoba okusuke kwenzeka kusuke kungesikhona ukuthi kuzobabulala.
Uthe ulindele ukuthi aqashwe kakhulu ukuze aqhubeke nokushumayeza abantu ngephimbo lakhe.
“ Maduze ngizokhipha i-albhamu ezoba ngehlukile ngoba kuyona ngizobe ngilandisa ngohambo lwami noNkulunkulu engidlulisa esigodini sethunzi lokufa,” kusho lo mculi oseke washiyelana inkundla nezingwazi emculweni wokholo.
Khonamanjalo, elandisa ngohambo lwakhe kulo mcimbi uFikile, uphinde wadalula ukuthi usinde kukubi ecishe enukubezwa ngokocansi ngempelasonto edlule.
“Abangaziyo bazobona ukuthi ubuso bami budumbile, anginawo ngisho umakhalekhukhwini ngoba kukhona owesilisa engingamazi obezama ukungidlwengula. Ngize ngamncenga engidonsela ehlathini, ngimbuza ukuthi ngimenzeni ngoba angimazi naye akangazi, yini angathathi lokhu akufunayo bese eshiya umphefumulo wami, kodwa uthe ufuna ukungidlwengula anginqume,” ubeke kanje.
Uthe munye umkhuleko awukhulekayo emhlabeni nathe ucela uNkulunklulu amsize axolele abantu besilisa.
“ Silimele sibaningi singabesifazane ngenxa nje yomuntu wesilisa.”