UQWEQWE lomholi wase-Afrika, olwalungumengameli waseNigeria uMnuz Olusegun Obasanjo, luzokwethula isifundo ngomsunguli we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Isifundo sizokwethulwa ngoLwesibili emcimbini ozoba se-ICC, eThekwini ngoSuku lwamaLungelo. Isifundo sihlelwa yiPrince Mangosuthu Buthelezi Foundation, eyethulwe ngoSepthemba wonyaka odlule.
UShenge usungule i-IFP ngoMashi 1975, okusho ukuthi izoqeda iminyaka ewu-48 yaba khona ngoLwesibili. UShenge uhole iqembu lakhe iminyaka ewu-44, wabeka phansi izintambo ngo-2019 kwathatha uMnuz Velenkosini Hlabisa, onguMengameli. UShenge wabe esenikezwa isikhundla sikamengameli wokuhlonishwa.
Okhulumela iPrince Mangosuthu Buthelezi Foundation, uMfundisi Musa Zondi, uthe isifundo siyingxenye yokulondoloza umlando kaButhelezi nefagugu lakhe.
“Abaholi bezombusazwe bavamile ukuthi uma sebethatha umhlalaphansi basungule izinhlangano zokulonda lokho abakumele. Okwesibili wukuthi, ingqungquthela amemezela kuyona ukubeka phansi izintambo, yavumelana ngokuthi kulondolozwe umlando wakhe,’’ kusho uZondi owake waba ngunobhala-jikelele we-IFP.
Uthe isifundo sizokwethulwa ngu-Obasanjo ngenxa yomlando wabo omude noShenge ngoba bazana kudala. UZondi uthe isifundo basiqondanise noSuku lwamaLungelo ngezizathu ezimbili.
“ Yebo, kuqondene noSuku lwamaLungelo olwalubizwa ngeSharpeville Day kungakabi yiholidi kodwa okukhulu wukuthi wusuku okwasungulwa ngalo i-IFP, ” kuchaza uZondi.
Isikhulumi esiqavile, u-Obasanjo sake saba sembuthweni wezokuvikela eNigeria kanti, sibuse amahlandla amabili njengomengameli wezwe. Ungumlobi futhi useshicilele izincwadi ezingaphezu kwezingu-30 ezikhuluma ngezinto ezehlukene.
Ngokwesimemo kuthiwa isifundo sizosakazwa bukhoma ngobuchwepheshe ukuze abantu bakwazi ukusithamela. UMfundisi uZondi uthe abathanda ukufika bayacelwa ukuba bebe sebehleli phansi ngo-12.30 emini ukuze kuqalwe ngehora lokuqala.