KUME nse ukusebenza kwavalwa nezintuba ezingenela echwebeni eliseThekwini abasebenzi baseTransnet bebhikisha.
Abasebenzi baqale ngesonto elidlule ukuteleka bafuna ukukhushulelwa amaholo ngemali ephakathi kuka-12% no-13%.
Kodwa umqashi uthE akanayo imali, ubeka etafuleni u-4% nemali enguR5 000 umsebenzi azoyithola kanye.
Isiteleka sikazwelonke siphoqe ukuthi kubuyelwe ezingxoxweni zamaholo eCCMA phakathi kweTransnet nezinyunyana okubalwa kuzona iSouth African Transport and Allied Workers Union (Satawu) ne-United National Transport Union (UNTU).
Izinyunyana zithi zizoqhubeka nokuteleka kuze kube umqashi ubeka etafuleni okuzojabulisa abasebenzi.
Zithi kumba eqolo ukudla, uphethroli nezimpahla ezitolo ngakho abasebenzi badonsa kanzima ukuphila ngeholo abalinikwa umqashi manje.
Sesiqalile ukuzwela isiteleka njengoba izimboni ezihlukahlukene ezithutha imikhiqizo ngechweba zithi kume yonke into njengamanje.
Zithi uma singatholwa ngokushesha isixazululo, lokhu kuzoguqisa umnotho wezwe futhi kubeke engcupheni imisebenzi.
Ngesikhathi sokuloba udaba bezisaqhubeka izingxoko zokuthola isisombululo kukhona uNgqongqoshe wokuQasha nabaSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi ezingxoxweni.
UNxesi uthe isiteleka esifuze lesi singase sibe nomthelela ongemuhle emnothweni.
“Isixazululo sizophuma uma kuhlalwa phansi kuxoxwa. Ngizoziqapha izingxoxo ukuze kuqinisekiswe ukuthi kutholakala isisombululo,” kusho uNxesi.
Uveze nokuthi kuyilungelo lomsebenzi ukuteleka ngakolunye uhlangothi umqashi unelungelo lokungamholeli umuntu ongasebenzanga.