SIZOQANJWA ngowayengumengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson osewashona, isikhungo senyunyana sokuqeqesha othisha eMadadeni, eNewcastle.
Lokhu kuzokwenzeka emcimbini ozohlanganisa nomgubho wosuku lothisha, ohlelwe yiNatu, kusasa eNewcastle.
Umengameli weNatu uMnuz Sibusiso Malinga, uthe bazogubha usuku lothisha ngaphansi kwesiqubulo esibheka isihlava sokushoda kothisha emhlabeni jikelele.
Uthe isikhungo esizoqanjwa ngoThompson, sicija othisha ngamakhono esimanje.
“Sizohlonipha iqhaza lalo mholi ngokuthi siqambe lesi sikhungo ngegama lakhe. UThompson wasebenza ngokubambisana nomengameli owadonsa isikhathi eside uMnuz Siphosethu Ngcobo, okuyibo abaqhamuka nombono wokuthi kube nesikhungo esizocija othisha beNatu,” kuchaza uMalinga.
Uthe engqungqutheleni yenyunyana yenqubomgomo ngoJulayi kulo nyaka, amagatsha enyunyana aphakamise ukuthi kugcinwe umlando kaThompson ngokuthi kuqanjwe lesi sikhungo ngaye.
Uqhube wathi umcimbi uzothanyelwa amalungu angu-1 200 asuka kuwona wonke amagatsha.
“Simeme noNgqongqoshe wemfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, nozakwabo wezemiSebenzi uMnuz Thulas Nxesi, abazoba ngezinye zezikhulumi eziqavile.”
Uthe uNkk Motshekga uzokhuluma nangamaungiselelo okubhalwa kwezivivinyo zika-matric eziqala ngelizayo.
“Uzokhuluma nangezinselelo ezibhekene nezemfundo okubalwa ukungavalwa kwezikhala zothisha.”
UThompson udlule emhlabeni ngo-2021 emuva kokuthathwa yiCovid-19. Washiya umaka kwezemfundo kuleli ngoba wayelwela izimfuno zothisha futhi engahlonizi ukukhuluma ngenkohlakalo emnyangweni.