KHETHA SANGWENI
UNOBHALA - JIKELELE we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthi bacele ingwevu yenhlangano uMnuz Kgalema Motlanthe, ukuthi ihole ikomiti elizobhekisisa abazojutshwa ezikhundleni ngonyaka ozayo. UMbalula usho kanje ngesikhathi kunesidlo sakusihlwa emcimbini wokugubha iminyaka ewu-170, kwasungulwa i-Adams College, obuseThekwini.
Ukhuluma kanjena nje, kuyiwa okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo futhi luthathwa njengoluzoba nzima kakhulu enhlanganweni ebusayo.
Isikole esinomlando ocebile i-Adams College, esiseManzimtoti, sasungulwa ngo-1853 kanti sikhiqize inqwaba yabaholi abaphezulu.
Phakathi kwababefunda e-Adams kubalwa inkosi Mangosuthu Buthelezi umsunguli we-IFP osanda kukhothama, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma we-ANC, uDkt Pixley ka Isaka Seme owasungula i-ANC, Dkt John Langalibalele Dube umengameli wokuqala we-ANC, noMnuz Joshua Nkomo owaba yiphini likamengameli eZimbabwe, nabanye abaningi.
UMbalula uthe ikomiti likaMotlanthe lizobalekelela ngokuhlonza abaholi abafanelwe wukungena ezikhundleni ngonyaka ozayo.
“Siyazibophezela ekutheni sizojuba abekhethelo kuphela ngonyaka ozayo ngoba kunekomiti lezokhetho eliholwa ngumholi wethu ubaba, uMotlanthe. Sifuna abantu abazoqinisikisa ukuthi zibekwa phambili izibophezelo zethu zokuyisa izwe phambili,’’ kusho uMbalula.