ZIHLABELA phambili izinhlelo zikahulumeni zokufuqa eyomshwalense wezempilo kuleli, iNational Health Insurance (NHI), nakuba kunokungaboni ngaso linye emaqenjini abambisene kuhulumeni.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Aaron Motsoaledi, othe abakhohlwe labo abacabanga ukuthi izomiswa eyalo mshwalense ngoba kuhlukene imibono.
Ephendula imibuzo yamalungu ePhalamende ngoLwesithathu ebusuku, uthe indaba yokuthi lo mshwalense uzodla malini izocaca uma usuqala ukusebenza.
“Kukhona abahlale befuna ukwazi ukuthi lo mshwalense uzodla malini. Konke lokhu kuzocaca kahle uma usuqala ukusebenza.”
Uthe kuzophuculwa ingqalasizinda, kubhekwane nodaba lwabasebenzi kanjalo nokuphuculwa kwezimo ukuze lo mshwalense usebenze.
“Kuzoba nezinkundla ezehlukene zikahulumeni lapho kuzoxoxwa khona eyokungaboni ngaso linye ngezinye zezinto ezithinta iNHI. Sekuwumthetho manje owasayinwa ngumengameli ngakho uzosebenza.”
Kuzokhumbuleka ukuthi amaqembu, okubalwa kuwo neDA, ashaya amakhala ngeyalo mshwalense njengoba eyichitha nakuba usungumthetho owasayinwa.
Uveze ukuthi iNHI ihlose ukuhlinzeka abantu bakuleli ngosizo lwezempilo olulinganayo.
Ubuye wakuchitha ukuthi lo mshwalense uzodla uR3 trillion, wathi le mali yakhiwe abathile emiqondweni yabo.
Usho lokhu emuva kokuba ilungu leDA, uDkt Karl Willem Du Pré Le Roux, ebelokhu ebuzile ukuthi uzodla malini lo mshwalense.
Unxuse amalungu ePhalamende ukuthi aye ezibhedlela ezizimele afune ukwazi ukuthi kungabiza malini ukusoka.
“Bazokutshela ukuthi kuzobiza uR18 000 ekubeni udokotela angakusoka ngoR1 800. Yinto esingeke siyivume ukuthi kukhokhwe imali enkulu kangaka ekubeni kungakhokhwa imali encane ukwenza into eyodwa,” kusho uMotsoaledi.
Ukhale ngokuthi baningi abebekhokhela ama-medical aid iminyaka eminingi kodwa uma sekumele bahlinzwe bese uthola ukuthi iyanqaba ukukhokha.
“Yingakho sithi wonke umuntu kumele athole usizo lwezempilo angaze akhokhe izizumbulu.”
Odabeni oluthinta ukugula nokushona kwezingane ezidle izinto ezithengwe eziphaza nakubadayisi, uthe usethumele ithimba labaseshi ukuphenya ukuze lifinyelele emnyombeni wale nkinga.
“Sifuna ukuthola ukuthi ngabe kukhona ubudedengu obenzekile na. Le nkinga ingaphezu kwezitolo eziyiziphaza kanjalo nakubadayisi. Uphenyo luzoveza uma kukhona imigomo engalandelwanga, kungaba eyezempilo noma eyezolimo.”