Siyanda isibalo sabantu abashone kuqhuma igas, eBoksburg, eGauteng izolo ebusuku. Njengamanje babalelwa kwabangu 17 abantu asebeshonile ngenxa yokuqhuma kwe gas nokusolwa ukumbiwa kwegolide ngokungekho emthetheni.
Abashone kulokhu kuqhuma kusolwa ukuthi babulawe ukuhogela umoya wayo igas. Abantu abaningi sebegxeke nohulumeni ngalesi sehlakalo. UNobhala Jikelele weSaftu uZwelinzima Vavi uthe ukufa kwalaba bantu kumele kubekwe ezandleni zikahulumeni ngoba uwona ongaqinisi imithetho yokungena kuleli.
“Baningi abantu abakulelizwe ngokungekho emthethweni yingakho kunenqwaba yabantu abangaziwa kuleli kumbe abangekho emaphepheni akulelizwe abangena bezokumba igolide, ukuba imithetho kahulumeni iqinile ngabe lento yokufa kwalaba bantu ayenzekanga,” kusho uVavi obekhuluma nesinye isiteshi sethelevishini.
Ufikile noNdunankulu wesifundazwe iGauteng uMnuz Panyaza Lesufi, ozwelane nemindeni edlulelwe yizihlobo zayo. Uthe okwamanje basahlanganisa yonke imininingwane ngokudlula emhlabeni kwalaba bantu nanokuthola imbangela yokuqhuma kwe-gas. “Sizohlangana nemindeni eshonelwe sibone ukuthi singayilekelela kanjani,”kusho uLesufi
Iningi labantu lidlulelwe izihlobo zabo kulokhu kuqhuma, kubalwa nezingane ezincane ezintathu nazo okuthiwa zishonile. Abanye badlulelwe izingane zabo kanjalo nezithandwa zabo. Elinye ilungu ebelibhodla umlilo lithe njengoba kudlule amalungu emndeni yabo okubuhlungu ukuthi amaphoyisa azi kahle ngalezi zinkinga zoZama Zama, okungabantu bokufika abamba igolide ngokungekho emthethweni.