UMASIPALA weTheku unxenxa abahleli bemcimbi yobumnandi abazimisele ngokuyenza ngamaholidi okuphela konyaka ukuba baphuthumise izicelo zabo njengoba ukufakwa kwazo kuvalwa ngoNovemba 25.
Ukufakwa kwalezi zicelo kuzolekelela ithimba likamasipala elibhekelela ukuhlelwa kwemicimbi kuleli dolobha, ekutheni likwazi ukuqikelela ukuthi abahleli bemcimbi balandele yonke imigudu efanele.
Isikhathi semcimbi yokuphela konyaka sizoqala ngoDisemba 2 kuze kushaye uJanuwari 31 ku2023, ngokwesitatimende esithunyelwe umkhandlu.
Imeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe umkhandlu uyayeseka imicimbi ehlelwa kuleli dolobha futhi uyakuqhakambisa ukuthuthukiswa kwamasiko nokugqugquzela ukubumbana komphakathi.
"Ukuphepha kwamalungu omphakathi nezivakashi yinto eseqhulwini kuthina. Ngalolu hlelo lokubhalisela ukuhlela imicimbi sihlose ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu baphephile futhi nemcimbi ihlelwa ngendlela efanele," kusho uKaunda.
Amafomu okubhalisa atholakala ehhovisini elingamele ukuhlelwa kwemicimbi kuMasipala weTheku elisebhilidini i- The Platform, Lion Match emgwaqweni uMngeni.
Aphinde abuyiswe kuleli hhovisi uma esegcwalisiwe.
Ngeminye imininingwane abantu bangathumela kwi-email ethi: [email protected] noma baxhumane no- Rachel Somaroo kwinombolo ethi: 031 311 4720