SIVULWE kabusha isitolo sakwaCambridge Food esiku-117 Warwick Avenue okudume ngokuthi isemakethe eThekwini.
Lesi sitolo savulwa ngoJulayi 23.
Ngo-1996 uCambridge Food wavulwa okokuqala emakethe unemishini emihlanu, abasebenzi abawu-30 nezinsiza kusebenza ezazithathwe kwezinye izitolo.
Manje usuyikhaya lemititilizo elisiza abathengi ukuthi bonge, mukhulu unobuchwephshe besimanje, unemishini ewu-48, abasebenzi abawu-169 abasiza abathengi bemamatheka.
Kudayiswa igilosa ehlukene, kunebhusha likanokusho, indawo edayisa ukudla okuphekiwe okwehla esiphundu, i-baker edayisa isinkwa esimnandi futhi amanani okudla awambi eqolo.