AMAPHOYISA abezulazula ehlola isimo endaweni azithele phezu kwesidumbu sesikhulu sikaMasipala i-Alfred Duma, eMnambithi, sinenxeba lokudutshulwa. UMnuz Thulani Brian Xaba, obeyisikhulu kwezokuHlela iNtuthuko nokuHlaliswa kwaBantu, utholwe ebulewe eKuvukeni, eMnambithi.
Kuvela ukuthi ubulawe nabanye abesilisa ababili okungaziwa noma ubehamba nabo abatholwe beshonile bude buduze nalapho etholwe khona. Isolezwe lithole ukuthi ukubulawa kwakhe kushiye abantu beshaqekile benemibuzo ngoba akwaziwa ukuthi bekwenzenjani.
UMasipala i-Alfred Duma esitatimendeni sawo osithumele kwabezindaba, ukuqinisekisile ukufa kukaXaba wadlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi. Umasipala uthe uXaba usebenze ngokwethembeka nokuzikhandla kuzo zonke izikhundla aziphathile kumasipala.
Bathe wayelokhu efike kwamasipala ngo2012 wasebenza eshintsha izikhundla njengoba eze wabulawa esebenzela umasipala. Bathe bakhulekisa umndeni ngalesi sikhathi esinzima.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uqinisekise lesi sigameko wathi amaphoyisa ayaluphenya udaba.
“ Amaphoyisa aphenya amacala amathathu okubulala emuva kokuthi kutholwe abantu bebulewe emgwaqweni uHelpmekaar, eMabhekazi. Amaphoyisa abezulazula ehlola indawo ngesikhathi ezithela phezu kwesidumbu somuntu, okuthe uma kubhekisiswa kwatholwa ezinye izidumbu ehlathini,’’ kusho uNetshiunda.
Uthe imbangela yokubulawa kwabo ayikaziwa kodwa kuyaphenywa futhi bacela umphakathi ukuthi uma kukhona okwaziyo usebenzisane namaphoyisa.
UMasipala i-Alfred Duma awuqali ukwehlelwa wumshophi wokubulawa kwesikhulu sawo ngoba ngo2019 kwadutshulwa kwabulawa uMnuz Oscar Hlatshwayo. UHlatshwayo owayeyisikhulu kwezobunjiniyela, wadutshulelwa emgwaqweni ehamba ngemoto.
Washawa ngoyaba lwezinhlamvu waphelela khona lapho nokuyinto eyathusa abaningi.