SITHOLWE sesishonile eweni isalukazi (77), ebesinamasonto amabili sidukile eGlendale, KwaDukuza.
UNkk Nombuso Nzuza, obese kuphele amasonto amabili edukile, isidumbu sakhe sitakulwe amaphoyisa kamasipala nabezimo eziphuthumayo i-IPSS.
Kuthiwa isidumbu sikaNkk Nzuza sibonakale ngaphansi kwewa eNdatane, kwase kuhlatshwa umkhosi. Kusize amaphoyiseni afike asitakula. Akwaziwa ukuthi isalukazi sikhalakathele kanjani eweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu.
“Owesifazane ona-77, ubedukile amasonto amabili. Utholwe eseshonile. Kusazohlolwa isidumbu ukuze kucace imbangela yokushona kwakhe. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka,” kusho uColonel Mbele.
Imizamo yokuxhumana nomndeni kamufi, ayizange iphumelele izolo njengoba izinombolo zawo zingazange zitholakale.
Kwenzeka lokhu nje, ngeledlule kubulawe isalukazi esineminyaka engu-88 ngoba sisolwa ngokukhunkula eShongweni Dam. UNkk Esther Magwaza (88) obengumbhishobhi ebandleni iNew Light Salem Church of God eNdwedwe ubulawe entathakusa yangoMsombuluko. Kuthiwa ubejwayele ukuthi uma esevukwe yisifo sokulahlekelwa yingqondo ngenxa yobudala ahambe elele.
Indodakazi kamufi, uNkk Neli Ntaka, ithe namanje ayikakholwa wukuthi unina ubulawe ngesihluku esingaka.
Uthe ubenezinyanga ezimbili esuke eNdwedwe, nakhona bemlandele ukuthi azogadwa kahle.
“Umama ubenenkinga yokukhohlwa, kube sengathi ulahlekelwa wumqondo. Ngisho emini ubehlala egadiwe ngoba ubephuma ahambe. Ubelala nabazukulu abangamzwanga ngesikhathi ephuma endlini ngezithuba zabo-2 entathakusa.”
Uthe bahlukane naye beyomlalisa ngeSonto ngabo-6 ntambama. Isango alikhiywanga ebusuku ngenxa yokuthi kunelungu lomndeni ebelingakabuyi ekhaya. Kuthiwa umufi wavuka wayongqongqoza emzini obude buduze nasekhaya, bacabanga ukuthi uyathakatha.
“Sivuke ngabo-5 ekuseni kuvuliwe emnyango umama engekho. Kuthe sisahlaba umkhosi, satshelwa ukuthi kunesalukazi esibulewe. Siye khona safika esevele eseshonile. Ubesekhunyulwe isiketi kodwa egqokile ngenhla. Kudingeke ngimbophe ngendwangu ngibuyisele umhlathi obulenga, inhlafuno ihlukene phakathi.”
Uthe amehlo kamufi abevuza igazi ngendlela abelimele ngayo.
Uthe akazi ukuthi ushaywe ngani ngoba bafike esethule.