KUPHOQELEKE ukuba abantu bashiye amakhaya abo bayokhosela emahholo ezikoleni nasemasontweni ngenxe yemvula enamandla eqale ngempelasonto esifundazweni i-Eastern Cape.
NgoLwesibili, bekuzungeza ezinkundleni zokuxhumana izithombe nama-video okuveza umonakalo ezindaweni ezahlukene eGqeberha naseKariega
Abenhlangano iGift of the Givers bathumele ithimba labo ukuba liyolekelela kule ndawo njengoba kubikwa ukuthi bangaphezu kuka-200 abantu abasale dengwane kumasipala iNelson Mandela Bay. Kunemigwaqo esivaliwe kule ndawo ngenxa yokulimala. KwaNobuhle, banenkinga yamanzi kulandela ukuqhuma kwamapayipi amakhulu kwaholela ekutheni amanzi angafinyeleli kubantu.
Umasipala iNelson Mandela Bay unxuse izakhamuzi ukuba ziphephe, zinikele emahholo uma isimo sisibi kakhulu njengoba izangoma zezulu zikhiphe esinye isexwayiso sesigaba 6.
Eastern Cape - Gqeberha: #Flooding wide-spread flooding after heavy rains #DriveSafe pic.twitter.com/I6DyjjvtHu
— TrafficSA (@TrafficSA) October 22, 2024
I-VW Group Africa imise ukusebenza kwayo ngoLwesibili ekuseni embonini yayo yaseKariega ngenxa yemvula enamandla ebusuku.
Abasebenzi abebesuka KwaNobuhle beya embonini abakwazanga ukufika emsebenzini ngoLwesibili njengoba imigwaqo eminingi ibigcwele amanzi.
Okhulumela iVolkswagen Group Africa, uMnuz Tebogo Losaba uthe imvula ayidalanga umonakalo otheni.
“IPlant Kariega ayithintekanga ngaphandle kokuvuza kwamanzi kwamanye amabhilidi. Ukukhiqiza akuphazamisanga,” kusho Losaba.
Ifemu yakwaVW ikhiqiza iPolo, Polo GTI (iyona yodwa ifemu eyakha le moto emhlabeni) nePolo Vivo kanti isezinhlelweni zokwengeza enye imoto.