IZINGXOXO zokubuyisana phakathi kwe-ANC ne-IFP ezivuthwayo zifana nokuphuma kwelanga ezinhlangothini zombili.
Umsunguli we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi, usanda kukhuluma amazwi aphusile ethi isifiso sakhe wukuthi uma kufika izinsuku zakhe zokugcina kube sekunokubuyisana phakathi kweqembu lakhe noKhongolose.
Okokuqala nje, amazwi anohlonze ngoba ashiwo ngumuntu omdala cishe kosopolitiki abaningi ezweni. Ngokwesintu amazwi omuntu osengwevu ayahlonishwa ngoba usuke ekhuluma ngokuba ngumakade ebona. Okwesibili, wudaba oluthinta abantu abaningi ezweni abahlukumezeka ngesikhathi kusabhoke izimpi zepolitiki. Okunye okubuyise ithemba wukuthi abe-ANC bakwemukela ngezandla ezimhlophe lokhu futhi bazibophezele ekutheni babambisane noShenge.
Ukuzimisela kwabo kufakazelwa wukuthi bakhiphe isitatimende bafisele uShenge usuku lokuzalwa oluhle, ehlanganisa iminyaka engu-94 edla anhlamvana. Lokhu kwenze uSokalisa wabona ukuthi kungaba yisisekelo sokuqala izingxoxo zokubuyisana.
Ubuholi be-ANC obusha KwaZulu-Natal, sebuqoke izingwevu ezizoba phambili ezingxoxweni zokubuyisana. Ukubuyisana akuyona into elula ngoba kuthunuka amanxeba bese kuvuka okudala. Kufanele umsebenzi usingathwe ngamadoda anohlonzo futhi akhaliphile nanesisoka ukuze kunganyomfeki izinto.
Ukubuyisana kwezinhlangothi zombili ngeke kuhlomulise zona zodwa kodwa kuyoqinisekisa uzinzo nomoya wokuthula esifundazweni nasezweni. Inkosi uButhelezi ayikufihli ukuthi izimpande zayo zikuKhongolose futhi yasebenza nabaholi bayo abahlonishwayo.
Okubalulekile wukuthi kudedelwe abajutshiwe ukuba benze umsebenzi wabo kahle kungabibikho ukujikijelana ngamazwi.