PHEZU kokugxekwa nxa zonke kwesikhangiso sethelevishini sokukhankasela ukhetho se-DA, esiveza ifulegi lakuleli lingqongqa, kodwa leli qembu lithe ngeke lisihoxise.
Umholi waleli qembu uMnuz John Steenhuisen uthe ngeke basihoxise futhi bangaya ngisho enkantolo bayosivikela.
Uveze ukuthi lesi sikhangiso sikhombisa izwe elishayo, wathi inhloso yaso ngukuthi abantu babone ukuthi uma beqhubeka nokuvotela isixaxa samaqembu esihlanganise i-ANC, EFF noMkhonto weSizwe Party ikuphi okuzokwenzeka ezweni.
Ngisho noMengameli uCyril Ramaphosa ukubize njengesenzo sokuvukela umbuso lesi sikhangiso.
UNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Zizi Kodwa, uthe bacubungula indaba yokuthi bayihlasela ngezinhlaka zomthetho eyalesi sikhangiso.
Uveze ukuthi kumele kube nomgomo ozobekwa yiKhomishini yezoKhetho, mayelana nokuthi amaqembu angavezi izinto ezifana nokuthi kushiswe ifulegi lezwe nezinye izinto eziyifagugu zezwe.
“Kumele kushaywe umthetho wokuthi izinto ezifana nefulegi nezinye ezithinta izwe, zingashiswa noma zicekelwe phansi.
“Lokhu asikwenzi ngoba kuwukhetho kuphela kodwa kumele kwenziwe ukuze nangomuso isehlakalo esifuze lesi singaphinde senzeke. Abameli bakahulumeni yinto abayifakela izibuko eyokushiswa kwefulegi,”kusho uKodwa.
URamaphosa uthe ifulegi wuphawu oluhlanganisa abantu.
“Ifulegi lezwe akulona eleqembu lezepolitiki elithile. Wuphawu oluhlanganisa abantu. Baningi abantu abafa, befela leli fulegi. Yinto okumele ihlonishwe ngoba wuphawu olubumba isizwe,” kusho uRamaphosa.
UKodwa uthe ngisho kwamanye amazwe amaciko azigqaja ngalo.
“Uma sekuphephezela ifulegi emva kokwenza kahle kwamaciko ethu kwamanye amazwe siba nokuzigqaja ngempumelelo yethu. Yingakho kumele lihlonishwe ifulegi, kungabikhona nje ozovele alishise,” kuqhuba uKodwa.
Uthe ngeke isebenze imizamo yokuhlukanisa isizwe. Abaholi bamanye amaqembu okubalwa i-ActionSA uMnuz Herman Mashaba, ukugxekile ukushiswa kwefulegi wathi kufana nokuvukela umbuso.
Nophiko lwentsha lwe-ANC, uVukayibambe lukhwele lwadilika kwi-DA, lwathi leli qembu lizama ukuzuza amavoti ngalesi sikhangiso.
Nasezinkundleni zokuxhumana iyindaba egudwini eyokushiswa kwefulegi njengoba begxeka leli qembu ngalesi sikhangiso.