ABAZALI bezingane ezahlukunyezwa ngokocansi esikoleni iParktown Boys’ High eGoli, bafanise lesi sikole “njengesinemimoya emibi” emva kokuba kuqubuke ukudlwengulwa kwezingane ezifunda khona.
Abesimame abangabazali babafana okuthiwa bahlukumezeka ngokocansi okubikwa ukuthi kwenziwa uthisha wabo uCollan Rex obengumqeqeshi womdlalo webhola owudlala uma ugibele ihhashi, yibona abathukuthele basho lokhu ngalesi sikole.
URex usanda kutholakala ngeledlule enamacala angu-156 okuhlukumeza ngokocansi nokushaya abafana bakulesi sikole abangaphezulu kuka-12, abaneminyaka esukela ku-13 no-16, kusukela ngo-2015 kuya ku-2016.
Lo thisha oneminyaka engu-22 owake wafunda kuso lesi sikole phambilini, utholakale namacala okubamba nokucindezela, ukushuka imiphambili yabafana abafunda esikoleni. Kuthiwa laba bafana ubebenza lokhu baze baquleke.
Ngokusho komunye wabazali, izingane zabo ziyaphoqwa ukuthi zibe yizigqila zocansi kulesi sikole, ikakhulu ezisanda kufika ezizokwenza uGrade 8. “Izingane zithi zaxhumana nezikhulu zezemfundo ukuthi zingenele kulokhu kuhlukunyezwa kwazo kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya,” kusho omunye wabazali ocele ukungadalukwa.
Ngeledlule uNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, uthe umnyango wakhe usuthathele izinyathelo ezinqala abanye othisha abafundisa kulesi sikole.
Uthe abanye bothisha bakhona sebaxoshwa esikoleni ngenxa yezenzo zabo ezingezinhle.
Uzwakalise ukudumala ngokuthi nakuba benza ngawo wonke amandla ukuthi ukufunda kubuyele esimeni esifanele kulesi sikole, isigungu sakhona esilawula isikole, senza umsebenzi wabo ube lukhuni ngendlela exakile.
“Kunzima ngoba uma singenela sisolwa kuzothi silwa namalungelo esigungu esilawula isikole,” kusho uLesufi.
Nakuba kunjalo, uthe abazisoli ngezinyathelo asebezithathile, wathi okwabo ukuthi balindele ukuthi kukhona yini osekwenzekile kulesi sikole ukuze babhekane nakho ngokushesha.
Kulindeleke ukuthi lo thisha wezimanga agwetshwe ngo-Okthoba 31.