UMPHATHISWA woMnyango wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, useqale uphenyo ngezindleko ze-airtime ne-data okusetshenziswa yizikhulu zikahulumeni wesifundazwe okuthiwa zifinyelela ezigidini ngonyaka.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba wumnyango wakhe, uRodgers uthe wu-R600 million imali ye-data ne-airtime okumele ikhokhwe wumnyango aphathiswe wona kulo nyaka, okuyisamba esishaqisayo.
Uthe kungenzeka ukuthi lezi zindleko zifaka nezabantu abangasebona abasebenzi bakahulumeni.
“Uphenyo lwesikhashana luveza ukuthi kungenzeka ezinye izindleko zigcina sezikhokhwa kaningi esikweletini esifanayo. Kungenzeka futhi ukuthi kukhokhelwa abantu abangasasebenzi kuhulumeni, abanye abangasekho emhlabeni. Senginxuse ithimba ehhovisi likaMgcinimafa esifundazweni ukuthi liphenye ukuze kunqandwe lokhu kuchitheka kwemali yomphakathi, ngendlela engenasidingo,” usho kanje.
Uthe lesi sifundazwe njengezinye kuleli, sibhekene nokuncishiselwa isabelomali sonyaka ngenxa yesimo somnotho ezweni ngakho ukuchitha izigidi zamarandi kwi-airtime ne-data akuyona indlela elungile yokwenza izinto.
URodgers uthembise ukuthi emva kokuphothula lolu phenyo kuzokwaziswa umphakathi ngokutholakele.
Lo mphathiswa usanda kuphumela obala eseka isinyathelo sikaNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, sokwenqabela uMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, sokuthi kube khona amahhovisi omnyango wakhe oLundi, okuthiwa bekuzokwandisa izindleko.